XOLILE MPISANE
UBUYISE ithemba lokuthi kuningi asengakwenzela iqembu lesizwe umdlali wakuleli wekhilikithi uFaf du Plessis ngesikhathi eshaya ama-run angu-120 emdlalweni weCaribbean Premier League ngeSonto.
Emuva kokuhlala isikhathi eside engadlali ngenxa yokulimala ekhanda edlala kwiPakistan Super League ngoJuni, bekulindelekile ukuthi uDu Plessis uzothatha isikhashana ngaphambi kokuthi abuyele efomini yakhe ejwayelekile.
Emidlalweni emithathu yokuqala ayidlalile kwiCaribbean Premier League uphume ngedada, washaya ama-run angu-10, wabuye washaya angu-14.
Uzibonakalisile ngeSonto ngesikhathi iqembu aliholayo i-St Lucia Kings lihlula iSt Kitts and Nevis Patriots. Usebenzise amabhola angu-60 kuphela ukushaya ama-run angu-120.
"Bekunzima ngingadlali izinyanga ezintathu zonke. Ngangingalindele ukuthi ngizohlala isikhathi esingaka nokuthi kuzoba bucayi kangaka," kusho uDu Plessis kwi-India Today. "Ngiyajabula kodwa ngoba sekudlulile.
"Kusafanele ngidlale imidlalo eminingi kulo nyaka ukuze ngibuyele ezingeni elifanele. Ukuhlala izinyanga ezintathu ungadlali akuyona into encane kodwa kuyajabulisa ukubuyela enkundleni."
U-Andre Fletcher, oyiphini likaDu Plessi kwi-Kings, umncomile uzakwabo ngokumelana nengcindezi abebhekene nayo njengoba ephuma ekulimaleni.
"Udlale kahle kakhulu uFaf, ikakhulukazi uma ubheka ukuthi uwuqale kanjani lo mqhudelwano," kuphawula uFletcher.
"Ubengaphansi kwengcindezi futhi ubengaphilile kahle. Ushaye into ecokeme kakhulu."
UDu Plessis wadlala kahle kwi-Indian Premier League (IPL) ngaphambi kokuthi imiswe, eshayela iqembu lakhe iChennai Super Kings ama-run angu-320 emidlaweni eyisikhombisa.
Kulindeleke ukuthi aqhubeke la agcina khona uma lo mqhudelwano usuqhubeka e-United Arab Emirates kule nyanga.
Abadlali abayingxenye ye-Caribbean Premier League kulindeleke ukuthi bayozibandakanya namaqembu abo e-IPL emuva komdlalo wamanqamu wale ligi yase-West Indies ozoba ngoSephthemba 15.