XOLILE MPISANE
UMSHOVI wamabhayisikili uPieter du Preez unqobele iNingizimu Afrika indondo yegolide kumaParalympics aseTokyo edla umhlanganiso emjahweni wabesilisa esigabeni se-H1 ngoLwesibili.
UDu Preez unqobe ngesikhathi esiwu-43:49.21.
Indondo yesiliva ithathwe uFabrizio Cornegliani wase-Italy oshaye isikhathi esingu-45:44.56 , eyethusi yatholwa nguMaxime Hordies waseBelgium oshaye isikhathi esingu-47:01.23.
"Angazi ngingachaza kanjani, zivele zazehlela izinyembezi ngesikhathi ngiqeda umjaho kodwa ngicabanga ukuthi ngisazokhala futhi uma sengingedwa embhedeni," kusho uDu Preez.
"Kunzima ukuchaza uhambo engiluthathile ukuze ngifinyelele la. Ngaqala ukuphupha ngokuwina indondo yegolide ngisaneminyaka eyisithupha.
"Ngangingacabangi ukuthi ngizobe ngikumaParalympics kodwa ngo-2003 ngalimala ngishova ibhayisikili ngaphuka umqala. Kuningi esengidlule kukona futhi ngilwile ukuze ngifike la.
"Unyaka ka-2021 ungokhethekile kakhulu kimina ngoba ngikwazile ukunqoba kuma-World Championship ngaphinde ngathola igolide kumaParalympics.
"AmaParalympics bekumele abanjwe ngonyaka owedlule kodwa bekungewona unyaka omuhle kimina. Ngawa kabuhlungu ngiyolanda indodana yami esikoleni, ngalimala ehlombe nakuleli thambo elingasemqaleni. Ngihlale izinyanga eziyisithupha ngingakwazi ukuzilolonga ngokuphelele.
"Kuyamangalisa ukuthi ebengiqhudelana nabo ngibahlule ngamalengiso. Le ndondo ngiyinqobele bonke abangesekile, bayazazi bona. Leli golide liyakhombisa ukuthi sonke singawenza umehluko eNingizimu Afrika uma sisebenzisana."
Lena yindondo yesine esitholwe elakuleli kule midlalo. Abanye abathole izindondo uNtando Mahlangu, uAnrune Weyers abanqobe ezegolide kwezokugijima bese kuba uLouzanne Coetzee othole eyesiliva ngoMsombuluko.
Komunye umjaho wabesilisa wamabhayisikili esigabeni se-H5 wanamuhla, u-Ernst van Dyk uqede endaweni yesishiyagalolunye ngesikhathi esingu-44:34.38. Usanethemba ukuthi uzokwenza kangcono kwi-marathon ngoLwesithathu.
"Sincane isikhathi sokuphumula phakathi komjaho we-time trial nomjaho omkhulu wasemgwaqeni," kuchaza uVan Dyk.
"Kudala kwakuba nosuku lokuphumula kodwa akusenjalo. Umzimba wami awusalulami ngokushesha njengoba neminyaka ihamba.
"Kusizile ukuthi ngiwungenele lo mjaho ukuze ngiqaqeke ngilungiselele owakusasa. Ngisheshe ngabona ukuthi anginalo ithuba lokuthola indondo ngase ngisebenzisa lo mjaho ukuthi ngizihlele ngoba owakusasa uzobe unzima kakhulu."
Kwabesifazane esigabeni se-T1-T2, uToni Mould ulale endaweni ye-10 ngesikhathi esingu-53:46.89.