XOLILE MPISANE
UZOQOPHA umlando umshovi wamabhayisikili wakuleli, uNicholas Dlamini, njengoba ezoba yingxenye yomjaho wamabhayisikili omkhulu kunayo yonke emhlabeni, iTour de France.
Lo mqhudelwano waqala ngo-1903, uba minyaka yonke, ngaphandle kweminyaka owaphazanyiswa khona yizimpi zomhlaba.
Owalo nyaka uzoqala ngoMgqibelo edolobheni laseBrest uphelele eParis ngoJulayi 18.
UDlamini (25) ufakwe eqenjini, iTeam Qhubeka ASSOS, kanti uzobe engowokuqala womdabu wakuleli ukuthi angenele lo mjaho.
Wakhulela emijondolo yaseCapricorn Park, eduze kwaseCape Town, waqala umdlalo wokushova amabhayisikili eneminyaka engu-12.
Ikhono lakhe lamfaka kwiWorld Cycling Centre Africa esePotchefstroom, wagcina eseyingxenye yeTeam Qhubeka, ezinze eLucca, eItaly.
Uqale ukushova okukhokhelwayo ngo-2018 kanti useke wangenela omunye umjaho omkhulu, iVuelta a Espana, kabili, ngo-2019 nango-2020.
NgoDisemba 2019 uke waba sezindabeni ngesikhathi kusabalala i-video eyayimveza ehilizisana nonogada bakwiTable Mountain ababemsola ngokungabi nayo imvume yokungena ashove ibhayisikili epaki lakhona.
Leso sigameko samshiya ephuke ingalo waze wadinga ukuhlinzwa.
Ngaphandle kokungenela iTour de France, uDlamini uzophinde amele iNingizimu Afrika kuma-Olympics azoba seTokyo ngoJulayi.
“Kufezeke iphupho ngokuthi ngifakwe eqenjini elizongenela iTour de France. Ukushova kulo mjaho yiphupho engaqala ukuba nalo ngisemncane, angikakholwa kahle ukuthi selizofezeka,” kusho uDlamini
“Lokhu kuyahambisana nenkolelo yeqembu yokulandela imfundiso yobuntu nendlela esingaguqula ngayo impilo yabantu. Kuyamangalisa ukuthi ngiziphumela elokishini elincane kodwa manje sengibheke kwiTour de France.
“Uma ngibheka emuva kusobala ukuthi bengingeke ngifinyelele lapho ngikhona ngaphandle kweTeam Qhubeka ASSOS. Kubaluleke kakhulu konke abangenzele kona, nabakwenzele abanye abashovi base-Afrika.
“Ngiyethemba ukuthi lokhu kuzonikeza bonke abantu abasha baseNingizimu Afrika ithemba futhi kubagqugquzele ukuthi bafeze amaphupho abo.
“Ngifuna uma bengibona ngishova ibhayisikili lami nabo bafise ukulandela ezinyathelweni zami, bashove awabo futhi baphuphe okukhulu kunalokhu.”
I-Team Qhubeka isibize uCarlos Barbero waseSpain ukuthi azovala isikhala sikaFabio Aru, okhethe ukuhoxa ngoba ezwa umzimba wakhe ungawulungele lo mjaho onzima.
Uhlu lwabashovi beTeam Qhubeka ASSOS:
Nicholas Dlamini (South Africa), Simon Clarke (Australia), Michael Gogl (Austria), Victor Campenaerts (Belgium), Max Walscheid (Germany), Sean Bennett (USA), Sergio Henao (Colombia), Carlos Barbero (Spain)