UKUNQOBA kukaTete Dijana iComrades Marathon nyakenye kubukeka kumphendule isithandwa kubaphathi benkampani ayisebenzelayo, iMi7 Security National Group, njengoba kulokhu iyikhokhele ilivu yamasonto amabili abelungiselela ngayo iNedbank Runified Breaking Barries 50km Ultra Marathon.
Lo msubathi waseRustenburg, eNorth West, uphule irekhodi lomhlaba kuleli banga ngesikhathi esiwu-2:39.04. Ucishe elikaStephen Mokoka lika-2:40.13 abeliqophe nyakenye.
Kwabesimame kulo mjaho obuseGqeberha, e-Eastern Cape, elomhlaba liphulwe ngu-Emane Seifu Hayile wase-Ethiopia ngesiwu-3:00.29.
Ngemuva kokuthi uDijana enqobe iComrades yanyakenye, watshela Isolezwe ukuthi wayethathe ilivu yezinyanga ezimbili.
Waveza ukuthi kweyodwa inyanga kule livu akazange akhokhelwe umholo wakhe.
Ngemuva kokunqoba iComrades, abaqashi bakhe bamgixabeza ngo-R100 000, baveza nokuthi bazomnika imali yale nyanga angayiholelanga.
UDijana, ekhuluma neSolezwe kuleli sonto ngemuva kokunqoba iRunified, uveze ukuthi abazange bacucuze abaphathi bakhe, bawakhokhelile amasonto abewathathile elungiselela lo mjaho ongaphansi kweWorld Athletics Elite Label.
Bekungokwesithathu egijima iNedbank Runified ebingempelasonto edlule. Kweyokuqala ngo-2021 akaqedanga. Kweyanyakenye uphume isibili elandela uMokoka. Uveze ukuthi okumsize kakhulu kulo nyaka ukuthi anqobe wukuyoziqeqesha ezintabeni zaseMpumalanga.
"Ngiphinde ngasizwa ukuthi ngicele uMathews Leeto noTumelo Motlagale ukuthi bangilekelele ukwenza ijubane. Ngithanda nokubonga ikhempu yami yaseRustenburg, nayo ingisize kakhulu," kubeka uDijana. ULeeto ubeseqenjini lesizwe ebelikumaWorld Athletics Cross-Country Championships, e-Austria.
UDijana uthe u-R150 000 awuthole ngokunqoba eGqeberha uzowubeka.
Uveze nokuthi selokhu enqobe iComrades impilo yakhe seyishintshe kakhulu.
"Sengithenge nemoto. Nendlu engiyakhayo seyiya ngasemaphethelweni. Nomndeni wami usuphila kahle. Okungisizayo ukuthi vele angiyena umuntu othanda impilo yobukhazikhazi. Okwamanje kusahamba kahle. Lo R150 000 ngizowuvalela ebhange," kuqhuba lo msubathi ongunogada eNorth West University.
UDijana, ogijimela yona iNedbank Running Club, uthe uzowaqala ngoMeyi amalungiselelo eComrades yalo nyaka.
Ngaphandle kwaseGqeberha, naKwaZulu-Natal bekuguga iteku kubagijimi ngempelasonto edlule.
Kwi-42km ye-Ethekwini Best of the Best Marathon, kwabesilisa kunqobe uMholi Jali (2:23.35), kwabesimame kwakhonya uLieketseng Molefe (3:10.22).
EMgungundlovu, kwiCapital City Marathon, ebangeni elifanayo, intambo kwabesilisa ishaywe nguBraam Mouton (2:15.44), kwisibhuda kwanqoba uMsawenkosi Nsibande (2:55.40).