UMPETHA weComrades Marathon, uTete Morena Dijana odabuka eMahikeng, eNorth West, ukhala ngabamfakela ingcindezi yokwephula kulo nyaka irekhodi lesikhathi esiwu-5:18.19 elenziwa uDavid Gatebe, kwehliwa ngo-2016.
Lo msubathi ongunogada e-University of North West, utshele Isolezwe ukuthi usewaqedile amalungiselelo omjaho walo nyaka ozoba ngoJuni 11.
Nakulo nyaka uzobe wehla, usuka eCity Hall, eMgungundlovu, uphelele eKingsmead Cricket Stadium, eThekwini.
Kwehliwa nyakenye wahluleka ukwephula leli rekhodi njengoba ashaya intambo ngesiwu-05:30:38.
Okwenza ibe indaba egudwini kulo nyaka eyerekhodi ukuthi iComrades Marathon Association (CMA) imemezele ukuthi abazowaphula bazogoduka no-R500 000. Kubalwa nelabesifazane lesikhathi esiwu-5:54.43 elenziwa uFrith van der Merwe ngo-1989.
Ngaphezu kwalokhu le nhlangano iphinde yenyusa imiklomelo. Abazoshaya intambo bazohlabana ngawo u-R500 000.
Kuzokhumbuleka ukuthi nyakenye uDijana wagoduka no-R260 000 kuphela.
Imiklomelo engeziwe wayithola ekilabhini yakhe iNedbank Running Club, enkampanini ayisebenzelayo iMi7 Security Group nakuhulumeni wangakubo.
UDijana ocijwa uDave Adams, uthe akayifaki emqondweni eyabamfakela ingcindezi yokuphula leli rekhodi.
" Lapho ngihamba khona ababodwa abangibuza ukuthi ngizokwazi yini ukwephula leli rekhodi. Abanye bathi banesiqiniseko sokuthi ngizokwazi njengoba ngizobe ngiwugijima okwesibili kulandelana umzila weComrades uma kwehlikwa. Le ngcindezi ngiyayibalekela, angifuni ukuyifaka emqondweni. Abantu kufanele bazi ukuthi kucaca emzileni ukuthi uzogijima kahle noma cha. Kuya ngezinga labagijimi oncintisana nabo.
" Kunzima kunjalo, uma kuvuma ukuthi nginqobe nakulo nyaka ngeke ngiliyeke lelo thuba. Kanjalo uma isimo singivumela ukwephula leli rekhodi ngizokwenzenjalo. Engingakufuni ukufakelwa ingcindezi. Uma ngingaphika nabantu ngizogcina ngixhamazela okungaholela ekutheni ngingawuqedi nomjaho," kubeka uDijana. Baqinisile abathi lo msubathi ungenye yezimfivilithi.
Ekuqaleni kwalo nyaka uphinde wakuqinisekisa ukuthi akayona into yokudlala emabangeni amade ephula irekhodi lomhlaba kwiNedbank Runfied 50km Ultra Marathon ngesikhathi esiwu-2:39.04.
Ubeqeda ngelikaStephen Mokoka (2:40.13).
UDijana uveze ukuthi emsebenzini uthathe ilivu yezinyanga ezimbili elungiselela iComrades.
Uveze nokuthi ubejima nozakwabo beNedbank,u-Edward Mothibi ongumpetha wango-2019 nophume isibili nyakenye (05:33.46). Abanye uDan Matshaile ophume isithathu (5:36:25), Johannes Makgetla olale isihlanu (05:41:36), Joseph Manyedi ophume eyesikhombisa (5:44:57) nentokazi uGalaletsang Mekgoe elale eyesihlanu (6:42.53).
Uthe bebejimela ezintabeni zaseMahikeng naseMpumalanga. Ubonge wanconcoza kwabeCMA ngokwenyusa imiklomelo. Uthe lokhu kuzokwenza libe phezulu izinga lokuncintisana.
SITHEMBISO MKHIZE