AKAKHOLWA ukuthi sekusele izinsuku ezimbalwa afeze iphupho lakhe lokugijima kwiComrades Marathon okokuqala umsubathi waseThekwini, uLinda Mimi Danisa, njengoba ecishe waphonsa ithawula ngokungenela lo mjaho ngasekuqaleni kwalo nyaka.
UDanisa uthi izinhlungu ayezizwa emilenzeni yomibili uma egijima zacishe zaholela ekutheni athathe isinqumo sokuhoxa kulo mjaho odume umhlaba wonke njengoba kwakunzima ukuthi azilolonge noma agijime kwemifishane yokuzilungiselela.
IComrades Marathon yalo nyaka izobe ingeyesi-95 kusukela yasungulwa ngo-1921. Kulokhu izinkumbi zabagijimi zizosukela eCity Hall, eMgungundlovu, ngeSonto ngo-5.30 ekuseni, zilibangise eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
“Izinkinga zami ziqale ngo-Ephreli, ngemuva kokugijima kwiTwo Oceans Marathon eKapa, ngizwa izinhlungu emlenzeni wangakwesokunxele njalo uma ngizama ukugijima. Ngazama ukungazishayi ndiva kodwa kwanhlanga zimuka nomoya," usho kanje.
"Akuphelelenga lapho, ngiphinde ngalimala edolweni langakwesokudla, nokuyilapho ngibone khona ukuthi aseyancipha amathuba okuthi ngibe sesimeni esifanele ukuze ngigijime ibanga elide kangaka.“
Ibanga le-Comrades lingu-89km.
“Ngithe sengiqala ukulahla ithemba ngazijuba ngayobona uchwepheshe womzimba owaziwa nge-biokinetist, wangeluleka ukuthi ngithathe ikhefu ekugijimeni wabuye wangazisa nangezinye izinto engingakwazi ukuzenza ukuze ngelulame.
"Ngemuva kwesonto, ngaqala ukuzizwa ngingcono zagcina sezidambile izinhlungu, ngazizwa senginamandla. Ngijabule kakhulu ngokuthi sekusele kancane ngibe ngomunye wezinkulungwane zabantu ezizogijima kulo nyaka."
UDanisa, ongumdwebi wezakhiwo (architect), uthe wayengenalo uthando lokugijima esakhula. Waqala sakudlala ngesikhathi elungiselela ukuhlolwa kwakhe okukhulu kulo mkhakha we-architecture.
“Ngaqala ukugijima ngo-2016, ngenxa yokuthi bengifuna ukuqinisa umqondo ukuze ngilungiselele izivivinyo zami. Kwakunzima ekuqaleni kodwa ngabuye ngajwayela, ngathola ukuthi kunginika amandla amaningi emzimbeni nasemqondweni,” kusho yena.
"Ngemuva kokuphasa, ngayiyeka phansi indaba yokugijma kodwa ngemuva kwesikhashana ngazizwa sengishesha ukukhathala. Odokotela bangitshela ukuthi umfutho wegazi wami uphakeme ngakho kumele ngiwulawule. Yilapho-ke ngabuyela ekugijimeni futhi angibange ngisabheka emuva."
Uqale ngokwenza imijaho emincane wagcina esengenele emikhulu, njengeMandela Day Marathon yango-2019. Uqhubekile namabanga amabanga amade waze washaya isikhathi esimvumele ukuthi angenele iComrades Marathon.
Ngeshwa, iphupho lokungenela lo mjaho lashabalala ngo-2020 ngenxa yobhubhane iCovid-19, nakuba aligijima ibanga lika-45km kwiComrades Virtual Marathon, owawuzigijimela yona uwedwa.
Kuthe sekwehliswa amazinga omvalelandlini, wabuyela ekuziqeqesheni ngokugcwele elekelelwa yiqembu labasubathi basePinetown, Amadelakusha, nekilabhu yakhe iChillie Runners.
“Kuyasiza uma uziqeqesha nabanye abantu ngoba kuba nokuncintisana. Ngisho usuvilapha uyavuka ekuseni ngoba uyazi ukuthi abanye abantu sebefaka ubufakazi babo ezinkundleni zokuxhumana, usale wedwa," uqhube kanje.
Ukholelwa ekutheni ukugijima yinto okufanele yenziwe yiwo wonke umuntu uma isimo sivuma njengoba kusithuthukisa isimo sempilo. Uvumile kodwa ukuthi lo mdlalo ugcina usushaya ephaketheni uma usunyukela ezingeni lemijaho emide.
“Ukugijima kusiza ingqondo nomzimba futhi ngikholwa wukuthi wonke umuntu kufanele akuzame. Noma ngabe uzingabaza ungaqala ngokuthi uhambe kancane uye esitolo uphinde ubuye, bese unyusa ibanga nesivinini kancane kancane,” kuqhuba uDanisa.
“Uma usungena ezingeni lama-marathon kufanele ushintshe indlela ophila ngayo ngoba awube usakwazi ukuhamba imicimbi yasebusuku njengoba kufanele uvuke ekuseni ukuze uyogijima.
“Ukugijima kuleli zinga futhi kungagcina sekulishaya iphakethe ngoba kudingeka ukhokhele ubulungu, uthenge amateku okugijima afanele, amasokisi akhethekile nezakhamzimba ozisebenzisa ngaphambi komjaho, ngesikhathi ugijima, nangemuva kwawo.
"Zikhona nezinye izindleko njengoba kuphinde kudingeke ukuthi ukhokhe imali yokungenela imijaho, izindleko zokuhamba nezokulala, futhi kwesinye isikhathi nezindleko zokwelashwa. Kudinga ukuthi uzinikele kodwa ekugcineni ngoba umvuzo uyatholakala."
Yize ezobe eqala ukugijima ibanga lamakhilomitha angu-89km, uDanisa uzimisele ngokufinyelela entanjeni eMoses Mabhida Stadium, esamamatheka.