XOLILE MPISANE
UMSUBATHI ovelele wakuleli, uCaster Semenya, uthi usazoqhubeka nokuyilwa enkantolo ngonyaka ozayo impi yakhe nenhlangano eyengamele ezokusubatha emhlabeni, iWorld Athletics.
USemenya akayivikelanga indondo yegolide ayinqoba kuma-Olympic ase-Rio ngo-2016 naseLondon ngo-2012 emjahweni wabesifazane oyibanga eliwu-800m njengoba engazange akwazi ukuba yingxenye yomqhudelwano walo nyaka obuseTokyo.
Ngo-2018 iWorld Athletics yeshaya umthetho omusha ovimbela abasubathi besifazane abanamazinga aphezulu oketshezi lwe-testosterone ngokwemvelo ukuthi babambe iqhaza emijahweni esuka ku-400 kuya ku-1600m.
USemenya wanqaba ukuphuza imithi noma ukwenza noma ukuhlinzwa ukuze ehlise izinga le-testosterone yakhe wakhetha ukungena ephuma ezinkantolo elwa nale mithetho.
Imizamo yakhe yaphambilini ayizange iphumelele kodwa uthi akakaphelelwa amandla yize kunzima.
"Le mpi ngayiqala ngoJuni 2018 lapho ngafaka khona icala eNkantolo yezokuLamula kwezeMidlalo (Court of Arbitration for Sport), eyaziwa nge-CAS, ezinze eLausanne, eSwitzerland. Ngo-Ephrelil olandelayo, i-CAS yakhipha isinqumo lapho yachitha khona isicelo sami," kusho uSemenya etshela iphephandaba laphesheya i-New York Times.
"Ngithathe udaba lwami ngaludlulisela eNkantolo ePhakeme yaseSwitzerland, enegunya lokuchitha izinqumo ze-CAS. NgoSepthemba 2020, le nkantolo yenqaba ukusiguqula isinqumo.
"Abameli bami bathe sisengaqhubekela phambili ngokuphikisa isinqumo saseSwitzerland eNkantolo yaseYurophu yamaLungelo Abantu. Lapho ngizosekwa yiKhomishini yamaLungelo Abantu yaseNingizimu Afrika.
"Bazogcizelela ukuthi imithetho engiphoqayo ukuthi ngithathe imithi ukuze ngehlise amazinga ami emvelo e-testosterone futhi ngiguqule isimo sami semvelo ihlukumeza amalungelo ami.
"Uma sinqoba eNkantolo yaseYurophu yamaLungelo Abantu kuyobe kuchaza ukuthi sekuseduze siyinqobe iWorld Athletics. Kuyangikhuthaza ukucabanga ukuthi ngizolalelwa ngendlela efanele. Abameli bami bathi icala lizoqulwa eStrasbourg, eFrance, ngo2022."
USemenya (30) uthi nakuba ephoxekile ngokuphucwa ithuba lokuya eTokyo, akazange amangale ngesikhathi iBritish Journal of Sports Medicine (BJSM) ishicilela isitatimende emuva nje kwemidlalo, ilungisa ucwaningo lwayo lwango-2017 obelusetshenziswa kakhulu yiWorld Athletics uma izivikela ezinkantolo.
Lolu cwaningo lwaluphakamise ukuthi abesifazane abanamazinga aphezulu e-testosterone yemvelo banamandla eqile nokwenza banqobe kalula kweminye imidlalo uma beqhudelana nalabo abanamazinga aphansi. I-BJSM igcine ivumile kulo nyaka ukuthi kukhona amaphutha athile ocwaningweni lwayo.
"Iphupho lami bekuwukuvikela izicoco zami kuma-Olympic eTokyo. Bengifuna ukuqopha umlando ngokuba umgijimi onqobe kakhulu kuleli banga llika-800m," kuqhuba uSemenya.
“Ngithukuthele futhi ngidumele ngokuthi ngiphucwe ithuba ngesinqumo seWorld Athletics sika-2018, esisekelwe embikweni ka-2017 owahoxiswa ngemuva nje kwemidlalo yaseTokyo.
"Isinqumo sika-2018 asizange sibhekiswe kimina ngqo kodwa kwacaca ukuthi kukhethwa iphela emasini ngoba imithetho yaqondana nemijaho ebengigijima kuyona.
“Ngisazoqhubeka nokuyilwa impi ezinkantolo. Abanye abameli bami bazinikele ekutheni bazosebenza bengaholi kodwa iningi imali esengiyisebenzisile kule mpi futhi ngizodinga ukuxhaswa ukuze ngiqhubeke nokulwa.
"Inhloso yami manje wukunqoba leli cala. Kimina njengomuntu wesifazane, njengomuntu olwa nokungabibikho kobulungiswa, ukunqoba kungaletha injabulo efanayo nengiyitholayo uma ngiphumelele emijahweni," kuphetha uSemenya.