XOLILE MPISANE
UYISHIYILE ikhempu yamaBhokobhoko umdlali ogijima kwi-lock, uNicolaas Janse van Rensburg, ngenxa yesimo esithile esidinga ukuthi aphuthume ekhaya.
Lo mdlali uthole ijezi eqenjini lesizwe okokuqala ngesikhathi amaBhokobhoko edlala ne-Argentina eNelson Mandela Bay Stadium. Ubelibanga noLood de Jager, Eben Etzebeth, Franco Mostert and Marvin Orie.
Ngenxa yemigomo yeCovid-19 ngeke kubizwe omunye umdlali ukuthi azovala isikhala sakhe, amaBhokobhoko azothembela kuRynhardt Elstadt noJean-Luc du Preez abakwaziyo ukudlala indawo efanayo.
"Akumnandi ukushiywa umdlali, ikakhulukazi ozinikela kakhulu eqenjini kodwa kukhona okumele ayokubheka ekhaya uNicolaas futhi siyameseka njengomndeni wamaBhokobhoko," kusho umqeqeshi, uJacques Nienaber.
"Ngeke esakwazi ukubuya ngenxa yemigomo yeCovid-19 esetshenziswa e-Australia. Akukubi ngoba sinabo abanye abadlali esizobasebenzisa njengoba silungiselela ukubhekana ne-Australia neNew Zealand."
AmaBhokobhoko awuqale kabi umlenze wasekuhambeni weRugby Championship edliwa yi-Australia ngo-28-26 ngeSonto.
La maqembu azophinde abhekane eBrisbane ngoMgqibelo ekuseni eSuncorp Stadium.
Ngaphandle kokungaziphathi kahle, okuyinto ephakanyiswe ngukaputeni uSiya Kolisi emuva komdlalo odlule, amaBhokobhoko awazimisele ukushintsha okuningi emdlalweni wesibili.
"Siyazi ukuthi kulo mdlalo wombhoxo kuyenzeka ibhola libhampe ngendlela evuna iqembu elithile. Ukudala amaphenathi angenasidingo akusisizanga ngoba bakwazile ukwenyusa amaphuzu abo kodwa siyazi ukuthi sikuliphi izinga. Sike sabhekana nesimo esifanayo ngaphambilini lapho singaqalanga kahle khona kodwa sakwazi ukubuya.
"Siyakwazi sonke okumele sikwenze emidlalweni elandelayo. Umoya usemuhle ekhempini, akukho ukudikibala. Lolo wuphawu oluhle olukhombisa ukuthi sizowulungela umdlalo olandelayo,“ kusho umdlali wamaBhokobhoko, uFranco Mostert.
INew Zealand ihleli esicongweni kwi-log yeRugby Championship emuva kwemidlalo emithathu ngamaphuzu angu-15, kulandele amaBhokobhoko nangu-10. I-Australia isinamaphuzu amane, i-Argentina isagingqa iqanda.