INHLANGANO eyengamele ikhilikithi kuleli iCricket South Africa (CSA), imemezele ukuthi umqeqeshi weqembu labesilisa lakuleli, uMark Boucher, uzosishiya isikhundla ngemuva kweNdebe yoMhlaba yeT20.
Kuhlelwe ukuthi umqhudelwano uqale ngo-Okthoba 16 kuze kube uNovemba 13, e-Australia.
Ngokwesitatimende esikhishwe yiCSA, umqeqeshi uthathe isinqumo sokwesula ukuze alandele izinhloso zakhe ngamanye amathuba.
Wasayina inkontileka yeminyaka emine ngo-2019, obekumele iphele ngonyaka ozayo uma kusongwa iNdebe yoMhlaba yemidlalo yosuku olulodwa.
Ngesikhathi ephethe izintambo kumaProteas, iqembu linqobe ama-test angu-11, imidlalo yosuku olulodwa engu-12 neyeT20 engu-23
“Sithanda ukubonga uMark ngakwenzele ikhilikithi yaseNingizimu Afrika kule minyaka emithathu edlule. Usidlulise esikhathini esinzima kulandela ukushiya kwabadlali abaningi abanamava asebewagaxe emgibeni. Wakhe isisekelo esiqinile sesizukulwane esilandelayo samaProteas," kusho isikhulu esiphezulu seCSA, uPholetsi Moseki.
“Simbonga kakhulu ngomsebenzi awenzile futhi sithanda ukumfisela okuhle ngesahluko esilandelayo somsebenzi wakhe.”
Uchungechunge lokugcina lukaBoucher neqembu lesizwe, kuzoba uhambo oluzayo lwase-India, lapho iqembu lizodlala imidlalo emithathu yosuku olulodwa nemithathu yeT20, ngaphambi kokulibangisa kweyeNdebe yoMhlaba.
“Siphatheke kabi kakhulu ngesinqumo sikaMark sokusishiya kodwa siyaziqonda futhi siyazihlonipha izifiso zakhe. Uyinkakha yamaProteas futhi ulenzele lukhulu izwe lethu enkundleni naseminyakeni emithathu edlule esengaphandle kwayo,” kusho umqondisi wekhilikithi kwiCSA, u-Enoch Nkwe.
“Uzoshiya isisekelo esiqinile esizokwenza iqembu lethu lithuthuke kuzo zontathu izinhlobo zekhilikithi futhi nginesiqiniseko sokuthi sizoyibona imiphumela yalokho kwiNdebe yoMhlaba yeT20 ngenyanga ezayo.
“Useneqembu eliqinile futhi elizethembayo. Sibheke ngabomvu ukubabuka ochungechungeni lwabo olubalulekile e-India ngaphambi kokuthi baye e-Australia.”
ICricket SA ithe izozimemezela ngokuhamba kwesikhathi izinhlelo zayo mayelana nomuntu ozongena esikhundleni sikaBoucher. Kunamahlebezi athi umqeqeshi uzothatha izintambo kwiMI Cape Town, okungelinye lamaqembu azodlala emqhudelwaneni wakuleli iSA20, ngoJanuwari wonyaka ozayo.