XOLILE MPISANE
USEXOLISILE uMark Boucher ngezinto okuthiwa wazisho nazenza ezazicwasa abanye ozakwabo ngesikhathi esadlalela iqembu lesizwe lekhilikthi, amaProteas.
Igama likaBoucher, osengumqeqeshi wawo amaProteas, lavela kuma-SJN Hearings ngesikhathi owayengumshwibi kumaProteas kusukela ngo-1995 kwaze kwaba ngu-2004, uPaul Adams, embala njengomunye owayecula iculo elinamagama anganambitheki, elibhekise kuyena.
Noma leli culo lalijwayele ukusetshenziswa uma iqembu linqobile, u-Adams wathi emuva kwesikhathi wabona ukuthi alilihle kodwa wabe esaba ukutshela ozakwabo ngaleso sikhathi.
UBoucher, owayedlala indawo ye-wicketkeeper kumaProteas kusukela ngo-1997 kwaze kwashaya u-2012, ukhiphe isitatimende exolisa ngokubi akusho noma akwenza kodwa uthe kwakungeyona inhloso yakhe ukucwasa ozakwabo.
"Ngiyaxolisa ngengakwenza, okwakukubi noma okwakuzwakala kabi, osekukhulunywe ngakho kulezi zingxoxo. Thina sonke esasikumaProteas ngaleso sikhathi kwakumele siqikelele ukuthi bonke abadlali bakhululekile futhi abanalo uvalo lokubhoboka uma kukhona abangakuthandi," kusho uBoucher.
"Kwakusahlwile kimina ngesikhathi ngiqala ukudlalela amaProteas. Ngangisemncane futhi ngiyavuma ukuthi sonke sasingaqondi ukuthi kumele siziphathe kanjani eqenjini lamaProteas elahlanganiswa sekuyiNingizimu Afrika entsha.
"Asizange sihlaliswe phansi sithole nezeluleko zokuziphatha emuva kobandlululo, sifundiswe nosikompilo olusha lweqembu, ukukhuluma nabezindaba, nokuqinisekisa ukuthi amaphutha enzeka ngesikhathi sobandlululo asiwaphindi.
"Ngiyavuma ukuthi ngangingakucabangisisi engangikusho nengangikwenza kodwa ngifisa ukucacisa ukuthi akukho engakwenza ngenhloso yokucwasa ozakwethu. Angikaze ngizibone ngingcono kunabo ngenxa yebala lami.
"Okwakusemqoka kimi ukuthi iqembu liphumelele. Njengoba sengikhulile ngokweminyaka nangokomqondo ngiyavuma ukuthi kungenzeka ukuthi kunezinto engazisho nengazenza ezingahlalanga kahle kwabanye. Ngiyaxolisa kakhulu ngalokho."
AmaProteas alungiselela uhambo olubheke eSri Lanka la ezodlala khona imidlalo emithathu yosuku olulodwa nemithathu ye-T20 kusukela ngoSepthemba 2.
UBoucher uthe isitatimende sakhe usinike bonke abadlali ukuze basifunde ngaphambi kokuthatha lolu hambo lwase-Sri Lanka ngoba ufisa ukuthi lolu daba ludlule, lungaphazamisi abayokwenza phambili.
"Isimo eqenjini lamaProteas manje sehluke kakhulu uma uqhathanisa nesikhathi engaqala ngaso ukudlala. Njengoba ngingumqeqeshi sengike ngaba yingxenye yemihlangano eminingi lapho besibonisana khona ngesingakwenza ukuze sonke siphatheke kahle eqenjini," kuqhuba uBoucher.
"Kumele iCricket South Africa yonkana ivume ukuthi amaphutha enzeka futhi ziningi izifundo esingazifunda ngokwenzeka kudala. Yingakho ngizama ukuhlela umhlangano no-Adams ukuze sixoxe ubuso nobuso.
"Ngiyafisa ukuhlangana nabanye esasidlala nabo okungenzeka ukuthi ngabaphatha kabi. Ngifuna bathole ithuba lokugonyuluka ukuze nami ngifunde ngiphinde ngixolise uma kukhona la engabahlukumeza khona."
Khonamanjalo, umqeqeshi wabashwibi kumaProteas, uCharl Langerveldt, nomshwibi uJunior Dala, ngeke besalibangisa eSri Lanka emuva kokutholakala ukuthi bane-Covid 19.
Yize noma eminye imiphumela elandelayo ithole ukuthi alisekho leli gciwane emizimbeni yabo kodwa imithetho yaseSri Lanka ayibavumeli abantu abake batholwa naleli gciwane ukuthi bangene zingakapheli izinsuku ezingu-21.
Indawo kaLangerveldt izothathwa ngoqeqesha kumaTitans uMandla Mashimbyi, isikhala sikaDala sizovalwa nguLutho Sipamla.