UBONGA amandla eSolezwe usozinyama, uMaxwell "Bulldozer" Nxumalo (35) ophakamise ifulegi leNingizimu Afrika kuma-International Federation of BodyBuilding (IFBB) World Men's Championships &Women’s World Cup Senior-Master okungumqhudelwaneni wosozinyama obuseSanta Susanna, eSpain.
Emasontweni edlule lo sozinyama waKwaMhlabuyalingana kodwa osehlala eMlaza, eThekwini, ucele Isolezwe ukuthi limsize ekutholeni abazoxhasa izindleko zakhe zokuya kulo mqhudelwano.
UNxumalo odlala ngaphansi kwesisindo sika-65kg, ubethole le ngqayizivele yethuba ngenxa yokubaqwaqwada bonke emakhanda abanye osozinyama ku-65kg emqhudelwaneni kazwelonke obeseGoli ngo-Okthoba.
Lo sozinyama obuye abe ngumqeqeshi nomphathi weMax's Team BodyBuilding ezinze eThekwini naseRichards Bay, uveze ukuthi ngemuva kokushicilelwa kodaba lwakhe bakhona abaqhamuka bamsiza.
“Ngibonga kakhulu amandla eSolezwe ngokugcina ngilifezile iphupho lami lokuyomela iNingizimu Afrika eSpain,” kusho uNxumalo.
“Emuva kokushicilelwa kodaba lwami kuqhamuke omasipala abafana nowaseMhlathuze, Umhlabuyalingana nezinkampani ezifana neCafe Gym.
“Kuqhamuke nePro Nutrition SA nayo engixhasile. Ngibonga nakwamanye amalungu omphakathi abengeseka.”
Uveze ukuthi eSpain izinto zimhambele kahle kakhulu njengoba elale indawo yeshumi kwisisindo sika-65kg. Kulesi sisindo bekuqhudelana amazwe angaphezu kwekhulu.
“Ngiyaziqhenya ngokumele izwe lami ngale ndlela, bekungelula naze. ESpain ngithole isipiliyoni esikhulu,” kusho uNxumalo.
“Isifiso sami ukubona intsha yakithi emnyama yanda kulolu hlobo lo mdlalo. Lukuqhelelanisa nezinto ezimbi.”
UNxumalo uqale ngokugila izimanga kuma-IFBB KZN ekuqaleni kwalo nyaka. Kulo mqhudelwano waphinde waklonyeliswa ngeSportsman of the Year.
“Okumqoka wukuthi isimo sakho somzimba sihlale sinempilo ngenxa yokuhlale uzivocavoca,”kweluleka uNxumalo.
“Ukuba ngusozinyama kuphinde kukuvulele amathuba emisebenzi emikhakheni eminingi. Ngokuzayo ngiyathembisa ukuthi ngizokwenza kahle kakhulu.”
Obashaye bonke emakhanda uMarek Mitterko waseSlovakia, isibili kwaba nguChigwang Oh waseSouth Korea kwathi isithathu sathathwa nguMoslem Sehati wase-Iran.