UMSHAYISIBHAKELA waKwaZulu-Natal, uMduduzi “Sgora” Mzimela, ubona ithuba lokuziveza emhlabeni ngokubhulela amazolo umpetha womhlaba uMoruti “Babyface” Mthalane.
UMzimela (2-0-0) waseMpangeni, uzakhele ugazi kubathandi besibhakela eshaya esiqhwiza umentshisi esigabeni sama-amesha eminyakeni edlule. Ubeyithemba leKwaZulu-Natal eqeqeshwa ngabantu abahlukene.
Esibhakeleni esikhokhelayo, uMzimela ufike ngomfutho ofanayo. Usaziwine zombili izimpi asazilwile. Empini yesibili ushiye abantu bengawuvali umlomo ehlula uThabang Mofula ezimpini zokuhlonipha Ingwevu, u-Elijah “Tap Tap” Makhathini, ngoFebhuwari eShowe.
NgoDisemba 20 e-International Convention Centre (ICC), eThekwini, uMzimela ungelinye lamabhokisa azovulela uMthalane ozobhekana noJayson Mama (15-0-0) wasePhilippines empini yokuvikela ibhande le-International Boxing Federation (IBF) flyweight. UMzimela uzoqhuthana noNkopane Mokoena empini yemizuliswano emine yesigaba se-junior lightweight. Izimpi zihlelwe yiTono Promotions kaNokwanda Mbatha.
“Kunginika umdlandla ukuvulela umpetha womhlaba. Kuyangikhuthaza. Akufakwa noma ngubani ukuthi abhule amazolo empini yebhande lomhlaba. Lena yimpi enkulu kimina. Kufanele ngiziveze emhlabeni. Leli yithuba elingatholwa yinoma wubani. Kuyangijabulisa kakhulu,” kusho uMzimela oqeqeshwa nguSkeleton Mngomezulu.
UMthalane (39-2-0) uzobe evikela ibhande le-IBF okwesine selokhu aliwina likade lingaphethwe muntu ehlula uMuhammad Waseen wasePakistan ngo-2018. Ulivikele ngempumelelo kuMasahiro Sekamoto, Masayuki Kiroda naku-Akira Yasegashi base Japan.
“Okukhulu kakhulu wukuthi ngizovulela uMthalane oyisibonelo kithina mabhokisa asemancane ngexa yendlela aphumelele ngayo, naziphethe ngayo. Uma ebiziwe emihlanganweni yamabhokisa ezokhuluma, uyasiyala ngendlela okufanele siziphathe ngayo nokufanele siphathe ngayo imali. Isibhakela uyasithanda. Uzobe eqala ukungibuka ngilwa. Lokho kuyinto enkulu kimina. Ngizimisele ukuyiwina impi,” kusho uMzimela.