UDUNGE umcimbi kungalindelwe umgijimi waseZimbabwe, uGivemore Mudzinganyama, edla umhlanganiso ngoMgqibelo emjahweni iTotalSports Two Oceans 56km Ultra Marathon, ebigijinyelwa eKapa.
UMudzinganyama weNtsika Athletics Club, obegijima okokuqala kulo mjaho ushaye intambo ngesikhathi esiwu-03:10:56, elandelwa nguDan Matshailwe weNedbank Running Club ngesikhathi esiwu-03:10:19, isithathu kwaba nguNkosikhona Mhlakwana ngesikhathi esiwu-03:10:40.
UMhlakwana ubeyithemba labantu baKwaZulu-Natal. Lokhu kungenxa yokuthi ngonyaka odlule wangena endaweni yesibili, lokho kwakhuphula amathemba okuthi nonyakas angawudla umhlanganiso.
Umgijimi waseZimbabwe, akagcini ngokuthi athole umklomelo wemali kodwa uthole imoto yohlobo lweKia.
Empeleni uMudzinganyama uqhamuke engalindelwe ngoba nguLebello Mopenyane waseLesotho, obesekubukeka ezodla umhlanganiso emjahweni, ngoba uke waqengqeleza phambili isikhathi esingangehora.
Nokho, kuthe sezijika kuConstantia Neck, umgijimi waseLesotho, waphuma emshovweni, edlulwa ngehubo nguMudzinganyama obengasadle nkobe zamuntu wahlala phambili umlibe waze wayoshaya intambo.
UMudzinganyama uqeqeshwa yinkakha yezokugijima uHendrick Ramaala, opheka izibabuli zabagijimi.
Umhlanganiso udliwa wuMudzinganyama nje, bekubhekwe u-Edndale Belachew wase-Ethiopia, owadla umhlanganiso nyakenye,walandelwa uMhlakwana ngo 03:09:08. Kepha nonyaka, ongalibonanga elidlalayo ngoba akangenanga ngisho kwabayishumi abaphume phambili.
Kwabesifazane kuphinde kwakhonya uGerda Steyn, ophule irekhodi lakhe langonyaka odlule lika-03:29:42, eqopha elisha lika-03:29:06.
Isibili sathathwa ngu-Amelework Fikadu wase-Ethiopia, ngesikhathi esiwu-03:41:29, kwathi isithathu kwaba nguCarla Natalia Molinaro waseNingizimu Afrika, obeke isikhathi sika:03:41:38.
USteyn ubonakale okokuqala egijima ngemibala yePhantane Athletics Club, ngoba ubesejwayeleke ngemibala yeNedbank Athletics Club, ephethwe ngumakadebona uNick Bester, wodumo lweComrades Marathon.
Ephawula ngokunqoba kwakhe ubonge umkhwenyana wakhe uCornelius Ross, athi nguye omqeqeshayo njengamanje nowenza isiqinisekiso sokuthi yonke into bayenza ngendlela.
Uthe emuva kokuba esephumule kahle uzoqala amalungiselelo eComrade Marathon, ezogijinywa ngoJuni 11, 2023, ezokube isuka eMgungundlovu ibheke eThekwini.
Ekudleni kwakhe umhlanganiso uklonyeliswe ngesheke likaR250 000, nonyayavu lwemoto yohlobo lweKia.