XOLILE MPISANE
UKAPUTENI wamaProteas, uTemba Bavuma, uthi uyaziqhenya emuva kokusiza iqembu lakuleli linqobe i-India ochungechungeni lwemidlalo yosuku olulodwa.
AmaProteas aye emdlalweni wesithathu eNewlands, eKapa, ngeSonto esevele elunqobile uchungechunge ngemuva kokudla umhlanganiso emidlalweni emibili yokuqala eBoland Park.
Aqhubekile nokulwa kowokugcina awunqoba ngama-run amane.
UBavuma ushaye ama-run angu-153 kule midlalo emithathu waphinde wanqaka namabhola ayisikhombisa.
“Kusho lukhulu kimina njengomdlali,” kusho uBavuma. “Uma ngicubungula lolu chungechunge, kuyacaca ukuthi ngidlale indima enkulu ukuze iqembu liphumelele.
“Uma ungukaputeni uhlulelwa ngerekhodi lakho. Ukunqoba iqembu elifana ne-India ngalolu hlobo kusho lukhulu ngendlela engihola ngayo iqembu.
"Ngisanda kuqala kulesi sikhundla kodwa ngizothatha okuhle osekwenzile ngiqhubeke nakho. Akumele ngizikhukhumeze."
UBavuma uthe noma ukuhola iqembu kuletha ingcindezi ethile kodwa kumsizile ukuthi akhuphule ifomu yakhe njengoba ehlose ukuba yisibonelo esihle.
“Ngiyakujabulela ukuba ngukaputeni futhi kubonakala sengathi kuyangisiza nangomdlalo wami," kuqhuba uBavuma.
"Uma uhola iqembu kuningi okumele ukucabange mayelana namaqhinga azosetshenziswa yiqembu. Lokho kwenza ngiyicabangisise nendlela engidlala ngayo."
UBavuma uphinde wancoma nabanye ababhethayo abambisene nabo njengoQuinton De Kock, Rassie van der Dussen noJanneman Malan abebesefomini kulolu chungechunge.
"Sibhethe kahle kakhulu. Iningi lethu belithola ama-run angu-50 noma angu-60," kusho uBavuma.
“Umqeqeshi usinike inselelo yokuthi sishaye ama-run angu-100 umdlali ngamunye futhi sikwenzile lokho.
"Ngicabanga ukuthi indlela esidlale ngayo ilikhuphulile izinga lokuzethemba njengoba sisazodlala namanye amaqembu ayingozi."
AmaProteas azovakashela eNew Zealand, lapho ezodlala khona imidlalo yama-test emibili ngenyanga ezayo.
Azobe esebuyela ekhaya ukuzokwamukela iqembu laseBangladesh, azodlala nalo ama-test amabili nemidlalo emithathu yosuku olulodwa ngoMashi.
Khonamanjalo; umqeqeshi wamaProteas, uMark Boucher, usazophendula amacala abekwe wona yinhlangano eyengamele ikhilikithi kuleli, iCricket South Africa.
UBoucher usolwa ngokungaziphathi ngendlela efanele ngesikhathi esangumdlali njengoba abalwa nabanye ababecwasa abadlali abangemhlophe eqenjini lamaProteas.