LIGQEMEKE ingozi engeqiwa ntwala iqembu lakuleli lekhilikithi labesilisa kulimala ukaputeni uTemba Bavuma, ongeke esalubhada e-England.
UBavuma ulimale endololwaneni ochungechungeni lwakamuva lweT20 ngesikhathi amaProteas ebhekene ne-India. Kuthiwe kuzothatha amasonto ayisishiyagalombili ukuthi alulame.
Uhambo lwase-England luzoqala ngoJulayi 19 luphele ngoSepthemba 12. Iqembu lakuleli lizodlala imidlalo emithathu yosuku olulodwa, emithathu yeT20 nemithathu ye-test ne-England liphinde lidlale emibili yeT20 ne-Ireland.
Njengoba ezosala uBavuma, uKeshav Maharaj wuyena ozohola iqembu ochungechungeni lwemidlalo yosuku olulodwa, uDavid Miller abe ngukaputeni emidlalweni yeT20.
"Ngiphatheke kabi ngokuphuthelwa wuhambo lwase-England nokuthi ngeke ngidlale ezinyangeni ezimbalwa ezizayo. Engigxile kukho wukuqinisekisa ukuthi ngiyalulama ngokugcwele ukuze ngikwazi ukubuyela enkundleni ngokushesha,” uBavuma ubhale kanje ekhasini lakhe kwi-Instagram.
"Ngibafisela okuhle kodwa uKesh (Maharaj) noDavid (Miller) abazohola amaqembu. Ngiyazi bazokwenza iNingizimu Afrika iziqhenye. Iqembu liyangeseka ngokugcwele kulolu hambo olukhulu."
Khonamanjalo, uGerald Coetzee (21) ubizelwe eqenjini okokuqala njengoba efakwe esikwatini seT20. URilee Rossouw (32), owagcina ukudlala eqenjini lesizwe ngo-2016, naye uzokhuza ibuya kulolu hambo.
"Imidlalo yeT20 imqoka kithina njengamanje. Sibheke ukunikeza abadlali amathuba ukuze sibone ukuthi yibaphi abazokwazi ukubambisana kangcono," kusho oyinhloko yabaqoki beCricket South Africa, uVictor Mpitsang.
"Sizama futhi ukuqhubeka nesifiso sethu sokuthi iqembu lingantengantengi, likwazi ukubambelela ezingeni eliphezulu ukuze abadlali bafike kwiNdebe yoMhlaba sebejwayele ukudlala ndawonye."
Ukulimala kukaBavuma kungahle kumbeke engcupheni yokuthi angasitholi isikhathi sokulwela indawo eqenjini elizoya kwiNdebe yoMhlaba yeT20 ezodlalwa e-Australia kusukela ngo-Okthoba 16 kuya kuNovemba 13.
Iqembu lamaProteas lemidlalo yosuku olulodwa: Keshav Maharaj, Quinton de Kock, Reeza Hendricks, Marco Jansen, Heinrich Klaasen, Janneman Malan, Aiden Markram, David Miller, Lungi Ngidi, Andile Phehlukwayo, Dwaine Pretorius, Anrich Nortje, Tabraiz Shamsi, Rassie van der Dussen, Lizaad Williams, Khaya Zondo, Kyle Verreynne.
Iqembu lamaProteas leT20: David Miller, Gerald Coetzee, Quinton de Kock, Reeza Hendricks, Heinrich Klaasen, Keshav Maharaj, Aiden Markram, Lungi Ngidi, Anrich Nortje, Wayne Parnell, Andile Phehlukwayo, Dwaine Pretorius, Kagiso Rabada, Rilee Rossouw, Tabraiz Shamsi, Tristan Stubbs, Rassie van der Dussen.
Proteas Test squad vs England: Dean Elgar (c, Titans), Sarel Erwee (Dolphins), Marco Jansen (Warrios), Simon Harmer (Titans), Keshav Maharaj (Dolphins), Aiden Markram (Titans), Lungi Ngidi (Titans), Anrich Nortje (Warriors), Duanne Olivier (Lions), Keegan Petersen (Dolphins), Kagiso Rabada (Lions), Ryan Rickelton (Lions), Lutho Sipamla (Lions), Rassie van der Dussen (Lions), Kyle Verreynne (WP), Khaya Zondo (Dolphins), Glenton Stuurman (Warriors).