XOLILE MPISANE
ULINDELE ukuthi libuye ngolunye unyawo iqembu lakuleli lekhilikithi uma selibhekene neNew Zealand emdlalweni wesibili we-test oyiphini likakaputeni, uTemba Bavuma.
AmaProteas azifake obishini ngokubhacaza kowokuqala obubanjelwe eHagley Oval ngesonto elidlule, agcina ebhaxatshulwe nge-innings nama-run angu-276.
Lokhu kusho ukuthi kumele awunqobe umdlalo wokugcina ukuze lolu chungechunge luphele zibambene ngo-1-1. UBavuma uthe bayawazi amaphutha abawenzile futhi bazimisele ukuwalungisa zisuka nje kulo mdlalo ozoqala ezintathakusa ngoLwesihlanu.
"Asidlalanga kahle nhlobo emdlalweni odlule futhi sihlulekile ukukhombisa izinga esiziqhenya ngalo. Siyazi ukuthi kufanele sithuthuke yonke indawo, ekushwibeni, ekubhetheni nasekunqakeni,” kusho uBavuma.
“Okunye esizokwenza ukukhumbuza abafana ukuthi njengeqembu kuningi esikunqobile. Isimo esikuso akuyona into entsha kithina.
“Siyazi ukuthi kunjani ukubuya esimeni esinzima kakhulu. Sinalowo muzwa wokwethembana futhi siyakwazi okumele sikwenze.
"Okwenzeke emdlaweni wokuqala sekudlulile, sesibheke ukuzibonakalisa kabusha."
UBavuma uthe kungumsebenzi wakhe ukweseka ukaputeni, uDean Elgar, ikakhulukazi uma izinto zingahambi kahle.
"Njengoba ngiyiphini likakaputeni, uDean, ngizama ukuletha umoya ohlukile ngoba kwesinye isikhathi ubuye abe nomoya ophakeme," uqhube kanje.
"Ngiyazazi izinhloso zakhe njengokaputeni nalokho afisa ukukuzuza naleli qembu. Ngingasohlangothini lwakhe ngokuphelele. Ngiyameseka njengomholi nanjengomdlali.
"Engibheke ukukwenza ukumsiza ngokusemandleni ami ukuze afeze izinhloso zakhe ngaleli ngeqembu. Siyalihlonipha kakhulu ibheji lamaProteas.
"Singathanda ukushiya leli qembu lisesimeni esingcono kakhulu kunalokhu elikusona, nalesi esalifica kulona. Siyesekana futhi le mpi siyilwa ndawonye."
Akukacaci ukuthi amaProteas azolishintsha yini iqembu noma abangenzanga kahle kakhulu basazonikezwa ithuba lokulungisa amaphutha abo.
“Awubi umdlali omubi ngokuhluleka ukuthola ama-run emdlalweni owodwa," kuqhuba uBavuma. "Ngiyakhumbula ukuthi kwakunjani nami ngisemusha kuleli qembu.
"Into osuke uyibheke kakhulu ukwamukeleka eqenjini futhi indlela engcono yokwenza lokho ukudlala kahle," kuphetha yena.