UKHULULEKE emoyeni ukaputeni weqembu lesizwe lekhilikithi labesilisa, uTemba Bavuma, kulandela ukuqinisekiswa kokuthi selingenile eNdebeni yoMhlaba yalo nyaka yemidlalo yosuku olulodwa, i-One Day International (ODI).
AmaProteas ngeke esagudluzwa endaweni yesishiyagalombili kwi-ICC World Cup Super League ngenxa yokuthi umdlalo wokuqala wochungechunge oluphakathi kwe-Ireland neBangladesh ubhuntshiswe yimvula ngoLwesibili ebusuku.
I-Ireland bekufanele iyinqobe ngendlela encomekayo yomithathu imidlalo, ukuze isuse amaProteas endaweni yesishiyagalombili futhi igweme ukudlala emqhudelwaneni wokuhlunga ozokuba seZimbabwe kusukela ngoJuni.
Njengoba umdlalo wokuqala ungaphelanga, amaProteas asejoyine iNew Zealand, England, India, Bangladesh, Australia, Pakistan ne-Afghanistan njengamaqembu asezibekisele izindawo eNdebeni yoMhlaba ezodlalelwa e-India kusukela ngo-Okthoba kuze kube nguNovemba.
“Uma ngibheka uhambo lwethu siyiqembu le-ODI, bekunzima ukuthi sifinyelele lapha esesikhona manje. Uma ngibheka kulezi zinyanga ezimbalwa ezedlule, maningi amagxathu amahle athathwe yiqembu,” kusho uBavuma.
“Sisethubeni elihle lokwakhela phezu komgqigqo omuhle esiphezu kwawo. Sekuyithuba elihle lokuthi sigxile eNdebeni yoMhlaba, sihlanganise izinhlelo zethu futhi sibheke izindawo esibona ukuthi kufanele sithuthuke kuzona.
“Ngokwami, ngizizwa ngikhethekile ngokuthi ngizothola ithuba lokuhola iqembu ngibe ngiqala ukudlala eNdebeni yoMhlaba ye-ODI. Ngiyethemba ukuthi singakwazi ukuzuza okuhle siyiqembu.”
UBavuma wayengekho esikwatini samaProteas esadlala eNdebeni yoMhlaba ye-ODi edlule ebise-England ngo-2019.
Kulowo mqhudelwano iqembu lakuleli laqeda endaweni yesikhombisa kwi-log, lahluleka ukuba ngelinye lamaqembu amane adlulela kweyandulela owamanqamu.