XOLILE MPISANE
UKAPUTENI weqembu lakuleli lekhilikithi, uTemba Bavuma, usole ababhethayo ngokubhacaza ngesikhathi bedliwa yi-Australia ngamawikhethi amahlanu emdlalweni wokuvula iNdebe yoMhlaba ye-T20 ngoMgqibelo.
I-Australia iwine ithosi yakhetha ukushwiba kuqala kulo mdlalo kaGroup 1 obubanjelwe eSheikh Zayed Stadium, e-Abu Dhabi
AmaProteas angene enkingeni zisuka kuphuma uBavuma nge-over yesibili esashaye ama-run angu-12.
Usheshe walandelwa nguRassie van der Dussen noQuinton de Kock, abahlulekile nokuhlanganisa ama-run angu-10 ngamunye.
Kwababhethayo kumaProteas, ngu-Aiden Markram kuphela owenze into ebonakalayo njengoba eshaye ama-run angu-40 emabholeni angu-36.
Ngasemsileni kusize uKagiso Rabada ngokushaya ama-run angu-19 emabholeni angu-23, elakuleli lagcina lihlanganise ama-run angu-118 kuma-over angu-20.
Bazamile abashwibi bakuleli ukuyivimba i-Australia kodwa yagcina ishaye ama-run angu-121 sekusele amabhola amabili.
U-Anrich Nortje uthathe amawikhethi amabili, uKagiso Rabada, Keshav Maharaj noTabraiz Shamsi bathatha eyodwa ngamunye.
"Abashwibi bethu badlale kahle kakhulu. Ayikho ngisho into eyodwa engingabasola ngayo," kusho uBavuma.
"Singene kulo mdlalo sihlome ngababhethayo abayisithupha nomdlali oyedwa okwazi ukukwenza konke. Besiwuhlelele kahle umdlalo kodwa sathola ama-run angu-118 kuphela.
"Sikhethe ukungena nomdlali wesikhombisa okwazi ukubhetha ngoba besilindele ukudlalela enkundleni ezosivumela sihlanganise ama-run amaningi.
"Ama-run angu-118 esiwashayile abe mancane kakhulu. Besidinga ukuhlanganisa angu-150 noma angu-160."
AmaProteas asedume kabi ngokudlala kahle uma kulungiselelwa imiqhudelwano emikhulu kodwa afike ashaye udaka uma esephakathi.
UBavuma uthe akaboni ukuthi abadlali bahluleke ukumelana nengcindezi kodwa kumele balungise indlela abadlala ngayo.
"Siwulungiselele kahle lo mqhudelwano futhi siyazi ukuthi kumele simelane nengcindezi," kusho uBavuma.
"Kade sagcina ukwehlelwa yinto enje yokuthi kubhacaze iningi labadlali bethu ababhethayo emdlaweni owodwa. Sihlulekile sonke ngaphandle kuka-Aiden.
"Siyazi sonke thina esibhethayo ukuthi kuningi ebesingakwenza kangcono futhi sizosebenza kanzima ukuze singawaphindi amaphutha emdlalweni olandelayo."
AmaProteas azotholana phezulu neWest Indies emdlaweni olandelayo ozobanjelwa eDubai International Stadium ngoLwesibili ngo-12 emini. IWest Indies idliwe yi-England ngamawikhethi ayisithupha emdlalweni wayo wokuqala ngoMgqibelo.
Iqoqo lamaProteas seliphelele njengoba sekufakwe iBangladesh neSri Lanka, abanqobe emidlalweni yokuhlunga.