XOLILE MPISANE
UYAZIQHENYA ngokuphinde adlale indima enkulu umshwibi wamaProteas oyi-spinner, uTabraiz Shamsi, ngesikhathi leli qembu linqoba iWest Indies emdlalweni wesithathu weT20 ngoLwesibili.
Iqembu lakuleli lishaye ama-run angu-167 kulo mdlalo, lalahlekelwa amawikhethi ayisishagalombili. Likwazile ukuyivimba iWest Indies, egcine ishaye ama-run angu-166, lanqoba umdlalo nge-run eyodwa vo.
U-Shamsi, ohamba phambili uma kukleliswa abashwibi beT20 emhlabeni, uthathe amawikhethi amabili amqoka kulo mdlalo, wangenelwa ama-run angu-13 kuphela kuma-over akhe amane.
"Kuhlale kujabulisa ukwenza umsebenzi obalulekile kuleli qembu kodwa empeleni bonke abashwibi bashaye into ecokeme kulo mdlalo. Nababhethayo baqale kahle, ikakhulukazi uQuinton de Kock. Ngijabulile ngokuthi sigcine sinqobile," kusho uShamsi.
"Sike sahlangana njengabashwibi emva komdlalo wokuqala sabheka ukuthi yikuphi lapho esingalungisa khona ngemuva kokugxekwa kakhulu. Abantu bayakhohlwa ukuthi sisebancane futhi sisaqala ukudlala ndawonye.
"Akusho ukuthi asiyazi into esiyenzayo kodwa kukhomba ukuthi sidinga isikhathi nje ukuze nathi sijwayele ukudlala ndawonye sithole namava.
"Sisadlale imidlalo emithathu kuphela ndawonye, khona la eWest Indies, kodwa uma ubheka owokuqala, uye kowesibili nowesithathu, uyabonakala umehluko. Lokhu kuchaza ukuthi siyakwazi ukubona amaphutha futhi sifunda ngokushesha," usho kanje.
AmaProteas asenqobe emibili ilandelana. Asehamba phambili ngo-2-1 kulolu chungechunge lwemidlalo emihlanu.
U-Shamsi uthe uma beqhubeka nokubambisana, bazowunqoba umdlalo wesine, ozoqala ngo-8 ngoLwesine, bawaqede nya amathemba eWest Indies okuthatha le ndebe.
"Akukho okudlula ukubambisana. Siyabaseka ababhethayo nabo benza okufanayo kithina. Njengabashwibi singafisa ukuthi bashaye ama-run amaningi kunalawa abasawashayile. Ukube kuya ngami ngabe ngithi abashaye noma angu-250 kodwa lokho kuyiphupho nje.
"Sonke siyabona ukuthi amawikhethi esidlala kuwona enza umsebenzi wabo ube nzima yingakho nabaseWest Indies bedonsa kanzima. Siyabeseka kakhulu abadlali bethu ababhethayo, samukela ama-run abawashayile kanti umsebenzi wethu ukuthi siwavikele,“ kusho uShamsi.