XOLILE MPISANE
UKAPUTENI wamaProteas, uDean Elgar, akafuni bagculiswe ukunqoba umdlalo owodwa njengoba bedlala uchungechunge lwama-test neWest Indies.
AmaProteas awine i-test yokuqala nge-innings nama-runs awu-63 kodwa u-Elgar uthe ufuna ezakhe zibhukule futhi emdlalweni wesibili.
Uzoqala kusasa ntambama ngo-4 eDarren Sammy Cricket Ground e-Saint Lucia.
Kubashwibi, u-Anrich Nortje wathatha amawikhethi ayisikhombisa kwi-test yokuqala, uKagiso Rabada wathatha ayisithupha, uLungi Ngidi ayisihlanu. Kwababhethayo kwagqama kakhulu uQuinton de Kock ngama-runs awu-141.
U-Elgar uthe nalabo abanqaka baphinde baqoqe amabhola enkundleni abawenzanga amaphutha kodwa akusho ukuthi sekumele bakhululeke ngoba iWest Indies izobuya isivutha ingabaselwe.
"Sonke sidlale ngokuzimisela emdlalweni wokuqala, ikakhulukazi uQuinton. Senze konke ngendlela efanele futhi besingenazwelo. Ngingasho kugcwale umlomo ukuthi sibuyise isitayela amaProteas ayedume ngaso ngaphambilini," kusho u-Elgar.
"Yisona lesi sitayela ebengilokhu ngikhumbuza abadlali ngaso. Siyazi ukuthi sinawo la mandla ngaphakathi kithina. Ngizohlezi ngigcizelela ukuthi la makhono siwaveze njalo enkundleni."
Njengoba amaProteas ezongena kule test yokugcina ehamba phambili ngo-1-0, adinga ukudlala ngokulingana noma ayinqobe eyesibili ukuze adle umhlanganiso kuma-test.
U-Elgar uthe okusemqondweni wakhe ukuthi bawuwine umdlalo, banqobe ngo-2-0.
"Kungaba yiphutha elikhulu uma singakhetha ukuzithela ngabandayo ngoba sesinqobe umdlalo owodwa. Ngifuna siyishaye ngo-2-0 iWest Indies. Angiboni ukuthi sesingazitshela ukuthi sesiphumelele.
"Njengokaputeni ngizimisele ukuthi ngiligqugquzele iqembu. Umdlali ngamunye enze okungaphezulu kwesikwenze emdlalweni wokuqala. Ukunqoba umdlalo owodwa akusho lutho. Sizele ukuzowina imidlalo yomibili nokunqoba uchungechunge la. Ngizowuphindaphinda lo mlayezo kubadlali," kusho u-Elgar.