XOLILE MPISANE
UGCINE engaphumelelanga ukuzibekisela indawo eqenjini elizogijima kuma-Tokyo Olympics umsubathi wakuleli oyisethenjwa, uCaster Semenya, njengoba kuze kwadlula usuku olungumnqamulajuqu engakasishayi isikhathi esifanele.
Izinkinga zikaSemenya zaqala ngesikhathi inhlangano eyengamele ezokugijima, i-World Athletics, ikhipha sinqumo sokuthi abesifazane abanezinga le-testosterone eliphezulu kumele balehlise, noma bangayingeneli imijaho ephakathi kwamamitha angu-400m nangu-1500m.
USemenya ongumpetha wama-Olympics ku-800m, wakubeka kwacaca ukuthi akazimisele ukudla amaphilisi okwehlisa i-testosterone, nokuphoqe ukuthi ashiye ibanga alijwayele, azame ku-5 000m.
Ubedinga ukugijima isikhathi esungu-15:10 noma ngaphansi, ukuze ayongena kuma-Olympics akhe esithathu kodwa wahluleka.
Kwabuya ithemba ngesikhathi eqeda umjaho ngo- 15:32.15 ngoMeyi kodwa saphinde sanyuka kakhulu isikhathi sakhe ekuqaleni kwale nyanga eshaya u- 15:57.12 eGermany.
NgoLwesithathu ebusuku ushaye u-15:50.12 eBelgium kodwa bese sidlulile isikhathi sokungenela ama-Olympics njengoba kuvalwe ngoJuni 29.
Abaphathi bakhe bebenethemba lokuthi uzothola ushwele uma eshaye isikhathi esihle kulo mjaho, kodwa i-Athletics South Africa ibisikucacisile ukuthi asikho isikhathi esizobhekwa emva kukaJuni 29.
USemenya wathola indondo yegolide ebangeni lamamitha angu-800 kuma-Olympics ase-London ngo-2012, wenza okufanayo kwawase-Rio ngo-2016.
Okwazile ukufeza iphupho lakhe lokungenela imidlalo yama-Olympics, uPrecious Mashele, naye ogijima u-5000m kwabesilisa.
UMashele ungene sekuvalwe amehlo ngosuku lokugcina emjahweni obuseKings Park Stadium ngoLwesibili ebusuku, eqeda ngo-13:11.65.
Ubesehluleke izikhawu eziyisithupha ukushaya isikhathi abesikalelwe obekungu-13:13.50.
Uhlu lwabaya e-Tokyo kuma-athletics:
Akani Simbine, Clarence Munyai, Antonio Alkana, Cheswill Johnson, Ruswahl Samaai, Rocco van Rooyen, Jason van Rooyen, Stephen Mokoka, Desmond Mokgobu, Elroy Gelant, Wayne Snyman, Wenda Nel, Dominique Scott, Gerda Steyn, Irvette van Zyl, Kyle Blignaut, Marc Mundell, Gift Leotlela, Shaun Maswanganyi, Wayde van Niekerk, Precious Mashele
*Amaqembu abesilisa azogijima kuma-relay amamitha angu-100 nangu-400 basazomenyezelwa.