XOLILE MPISANE
UMQEQESHI wamaProteas, uMark Boucher uthi ukudlala ngobuhlakani yikhona okusize iqembu ukuthi linqobe iWest Indies ochungechungeni lwemidlalo yeT20.
Kungenwe emdlalweni wokugcina ngoMgqibelo ebusuku amaqembu ebambene ngo 2-2 emva kokuhlukaniselana kwemine yokuqala. Bese kwaziwa ukuthi iqembu elizowina owesihlanu , yilona elizohamba nendebe.
AmaProteas abhethe kuqala, ahlanganisa ama-run angu-168, alahlekelwa ngamawikhethi amane. Iqembu lasekhaya lizamile ukuhlanganisa ama-run ngokushesha kodwa laphelela kwangu-143.
Abashwibi bamaProteas baphinde balitakula iqembu njengoba bethathe amawikhethi ayisishiyagalombili, bagcina benqobe ngama-run angu-25.
ULungi Ngidi uthathe amawikhethi amathathu, uKagiso Rabada, uWiaan Mulder no-Anrich Nortje bathatha amabili ngamunye.
UTabraiz Shamsi uthathe eyodwa kodwa wagcina ekhethwe ukuba ngumdlali ovelele wochungechunge aluqede namawikhethi ayisikhombisa.
AmaProteas abeqala ukudla umhlanganiso ochungechungeni lweT20 selokhu uBoucher athatha izintambo.
"Ziningi izinto okusamele sizilungise kodwa kufanele sijabule ngoba sihlule iqembu elisatshwayo emidlalweni yeT20. Bayiqembu elinamava, bebedlalela ekhaya, banenqwaba yabadlali abadume ngokuphahlaza ibhola kalula," kusho uBoucher.
"Isimo sezulu nesenkundla besihlukile kwesijwayele ukudlala kusona ekhaya. Bekungelelula ukuthi uvele uzitamuzele ama-run angu-180 noma angu-200.
"Kumele ukhombise ubungcweti nobuhlakani uma udlala lapha. Sifunde okuningi emihlanganweni ebesiba nayo njalo emva kwemidlalo. Bekudingeka ukuthi abadlali basebenzise imiqondo futhi kuvelile lokho uma ubheka indlela abashwibe ngayo emdlalweni wokugcina."
Kulo nyaka iWest Indies izolwela ukuvikela iNdebe yoMhlaba yeT20, eyayithatha e-India ngo-2016, futhi inabadlali abayizilomo emiqhudelwaneni yeT20 eyahlukene njengo-Chris Gayle, Kieron Pollard, Dwayne Bravo nabanye.
"I-West Indies idlale uhlobo lwe-cricket edume ngalo nathi sadlala ngendlela yethu. Besibuye sizibuze ukuthi kungani sihluleka ukushaya ama-run ngasekugcineni kodwa nabo banabashwibi abasezingeni eliphezulu," kuqhuba uBoucher.
"Abashwibi bethu, ikakhulukazi ama-spinner, benze umsebenzi oncomekayo kakhulu kula ma-over aphakathi nendawo. Okwenza sikuthokozele kakhulu ukunqoba le midlalo ukuthi sikhombise ubuhlakani."
AmaProteas azodlala e-Ireland imidlalo emithathu yosuku olulodwa neminye emithathu yeT20. Umdlalo wokuqala uzoba seMalahide Cricket Club, eDublin, ngeSonto.