UDALULA ukuthi uzoyigijima okokugcina iComrades Marathon kulo nyaka, u-Ann Ashworth owanqoba lo mjaho ngo-2018 kwehlikwa.
Nakulo nyaka kubhekwe ezansi njengoba iComrades eyibanga elingu-87km, izosuka eMgungundlovu iyophelela eKingsmead Cricket Stadium, eThekwini.
U-Ashworth ogijimela iHollywoodbets AC, wenza isikhathi esiwu-6:10:03 enqoba lo mjaho.
Le ntokazi iwazi kahle umzila weComrades njengoba ikhulele eHowick ngaseMgungundlovu. Yasuka isencane eHarare, eZimbabwe lapho yazalelwa khona. Ike yahlala naseThekwini.
Kulo nyaka u-Ashworth uzobe eyigijima ekwesishiyagalolunye iComrades.
Engxoxweni neSolezwe, u-Ashworth uveze ukuthi usicabange kahle isinqumo sokuyigijima okokugcina.
"Isifiso sami ukujabulela wonke umzuzu engizobe ngiwugujima. Ngifuna ukujabulela okokugcina ukugijima phambi kwezihlwele zalo mjaho ezihlale zinomusa, zinikana nomdlandla oyisimanga. Ngifuna ukugijima iComrades yami yokugcina ngenhlonipho nangezinga eliphezulu. Angifuni ukufika esiphethweni sengigaqa ngamadolo. Ngifisa ukungena kwi-Top 10," kubeka lo msubathi oneziqu zobumeli azithola ngo-2012, eLondon School of Economics and Political Science.
Uveze ukuthi usezogxila emijahweni engaphansi kwe-Abbott World Marathon Majors. Phakathi kwayo kukhona imijaho yaseTokyo, Boston, London, Berlin, Chicago neNew York Marathon.
"Uma ngiqeda iComrades ngizophumula. Imijaho engaphansi kweWorld Marathon Majors ngizoyiqala ngonyaka ozayo. Ngisazobona ukuthi ngigijima miphi. Nokho ngicabanga ukugijima iLondon noma iBoston (yomibili igijinywa ngo-Ephreli). Ngiyakholelwa ekutheni lesi sinqumo sizongibeka kwelinye izinga". Nyakenye u-Ashworth uhlushwe kakhulu ukulimala. Lokhu kuze kwaholela ekutheni angayiqedi iComrades yanyakenye.
NgoFebhuwari ubeseSpain eyokwenza amalungiselelo omjaho walo nyaka ngeZurich Marathon de Sevilla.
Ugcine elale indawo ka-37 ngesikhathi esiwu-2:39.47.
Uthe uphoqwe isimo sezinga lakuleli ukuya eSpain.
"Ikakhulukazi kwabesifazane, abekho abagijimi bezinga eliphezulu. Kuba lula ukugijima uma ukakwe abantu abaningi. Kuleli ugijima nababili noma abathathu besifazane bese kuba yidlanzana labesilisa. Kwi-marathon uma wenze isikhathi esiwu-2:35 noma u-2:39 yingoba usuke uzifukuzele wedwa. Phesheya kuba lula, ugijima nabezinga eliphezulu futhi abaningi," kuqhuba u-Ashworth othe likhona ithuba lokuthi ubulili bakhe buliphule irekhodi likaFrith van der Merwe lesikhathi esiwu-5:54.43 alenza ngo-1989.
Abesilisa bazozama ukuqeda ngelika-David Gatebe lesikhathi sika-5:18.19 alenza ngo-2016. Womabili enziwa kwehlikwa. Umgijimi ozophula irekhodi uzohlomula ngo-R500 000, ozobe weleka esambeni esifanayo ngokunqoba umjaho.