I-VODACOM Bulls neDHL Stormers benze isiqiniseko sokuthi indebe yokuqala ye-United Rugby Championship (URC) izosala eNingizimu Afrika ngokuzibekisela indawo kowamanqamu emqhudelwaneni.
IBulls iguqise iLeinster yase-Ireland, ebiqede esicongweni kwi-log ngemuva kweyamaqoqo, ngo 27-26 eDublin ngoLwesihlanu ebusuku. IStormers ibuye sekuvalwe amehlo yadla elinye iqembu lase-Ireland, i-Ulster, ngo 17- 15 eKapa ngoMgqibelo.
ILeinster yaqumba phansi iBulls ngo 31-3 ngesikhathi la maqembu ehlangana kweyamaqoqo. Umqeqeshi weBulls, uJake White, uyaziqhenya ngokuthi bakwazile ukubuyisa izinduku emdlalweni obusemqoka.
“Siqale nabo (iLeinster) emzuliswaneni wokuqala. Izifundo esazithola kulowo mdlalo nokumele sikwenze ukuze sibashaye kubonakalile namuhla. Iqiniso wukuthi kufanele uvale emuva uma udlala neLeinster,” kusho uWhite.
“Ngiyethemba ukuthi sizoqhubeka nokuqonda ukuthi uma kukhulunywa ngemidlalo yomkhumulajezi kufanele sidlale ngomfutho nangokuzethemba, sigweme namaphutha ukuze sinyuse amathuba okudlala izicoco.
"Siwunqobile lo mdlalo futhi kuhle ukuthi iqembu liyathuthuka kodwa asikafiki lapho esifuna ukuba khona."
IStormers kusale kancane ukuthi ikhale ngaphansi njengoba i-Ulster ibihamba phambili ngo 15-10 sekusele amanenjana umdlalo uphele.
Nokho iqembu lasekhaya likwazile ukuthola i-try eshaywe uWarrick Gelant sekubanjwe umoya kwaba ngu 15-15. UManie Libbok ukwazile ukumelana nengcindezi wayibeka phakathi i-conversion, ezakhe zanqoba ngo 17-15.
Nakuba bengenile kowamanqamu, umqeqeshi weStormers uJohn Dobson akagculisekanga ngendlela iqembu lakhe elidlale ngayo.
“Kube wumdlalo ocasulayo kakhulu (sibhekene no-Ulster). Ngaphandle kokuthi unompempe ubengawuphethe ngendlela egculisayo umdlalo, nathi sizigwaze ngowethu ngokungaziphathi kahle enkundleni," kusho uDobson.
"Asizange sibambelele ohlelweni lwethu. Asidlalanga kahle kodwa sikhombise ukuzimisela ngokubuya emizuzwini yokugcina sesishoda ngomdlali oyedwa."
IStormers neBulls bazobanga isicoco se-URC kowamanqamu ozodlalelwa eCape Town Stadium ngoMgqibelo ngo-7.30 ebusuku.
Ukwenza kahle kwamaqembu akuleli emqhudelwaneni kwandise uhlu lwabadlali umqeqeshi wamaBhokobhoko, uJacques Nienaber, angathembela kubona njengoba kubhekwe ochungechungeni oluzodlalwa neWales ngenyanga ezayo.
UNienaber ukhiphe uhlu lwabadlali abangu-43 azosebenza nabo ngaphambi kwemidlalo emithathu neWales ezoqala ngoJulayi 2.
Iqembu lamaBhokoBhoko elizobhekana neWales:
Abaphambili: Thomas du Toit (Cell C Sharks), Steven Kitshoff (DHL Stormers), Vincent Koch (Saracens), Frans Malherbe (DHL Stormers), Ntuthuko Mchunu (Cell C Sharks), Ox Nche (Cell C Sharks), Trevor Nyakane (Racing 92), Joseph Dweba (Bordeaux), Malcolm Marx (Kubota Spears), Bongi Mbonambi (Cell C Sharks), Lood de Jager (Sale Sharks), Eben Etzebeth (Cell C Sharks), Salmaan Moerat (DHL Stormers), Ruan Nortje (Vodacom Bulls), Marvin Orie (DHL Stormers), Pieter-Steph du Toit (Toyota Verblitz), Marcell Coetzee (Vodacom Bulls), Siya Kolisi (Cell C Sharks), Elrigh Louw (Vodacom Bulls), Evan Roos (DHL Stormers), Kwagga Smith (Yamaha Júbilo), Jasper Wiese (Leicester Tigers), Rynhardt Elstadt (Toulouse), Deon Fourie (DHL Stormers), Franco Mostert (Honda Heat)
Abasemuva: Faf de Klerk (Sale Sharks), Jaden Hendrikse (Cell C Sharks), Herschel Jantjies (DHL Stormers), Grant Williams (Cell C Sharks), Johan Goosen IVodacom Bulls), Elton Jantjies (NTT Docomo Red Hurricanes), Handre Pollard (Montpellier Herrault), Lukhanyo Am (Cell C Sharks), Damian de Allende (Munster), Andre Esterhuizen (Harlequins), Jesse Kriel (Cannon Eagles), Aphelele Fassi (Cell C Sharks), Warrick Gelant (DHL Stormers), Cheslin Kolbe (Toulon), Willie le Roux (Toyota Verblitz), Makazole Mapimpi (Cell C Sharks), Kurt-Lee Arendse (Vodacom Bulls), Damian Willemse (DHL Stormers)