UYALULAMA esibhedlela umdlali wekhilikithi odabuka KwaZulu-Natal, uMondli Khumalo, olinyazwe eBridgwater, e-England ,ngeledlule.
Lo mdlali oneminyaka engu-20 ubudala, odlalela iNorth Petherton Cricket Club eSomerset, wayezikhiphe nozakwabo ngoMgqibelo, ngoMeyi 28.
Kuthe esalinde itekisi ezomyisa lapho ehlala khona ngezikhathi zawo-3 ekuseni, ngeSonto, wahlaselwa umuntu kumbe ngabantu abangaziwa, bamshaya.
Ube esephuthunyiswa esibhedlela saseSouthmead, lapho kuvele khona ukuthi wophele ebuchosheni. Usehlinzwe kathathu kanti ngokusho kophethe izindaba zakhe, uRobert Humphries we-WSX Cricket, sesiyathembisa isimo sakhe.
"UMondli useyakwazi ukuziphefumulela, uwavulile amehlo futhi unamandla anele ngendlela yokuthi ukwazile ukungibamba ingalo njengoba bengimvimba ngesikhathi ezama ukukhipha amashubhu axhunywe kuyena,” kusho uHumphries.
"Uya ngokuya elulama usuku nosuku. Useyakwazi ukuphuza okuthile nokudla kancane. Umqondo wakhe uyabuya njengoba esekwazi ukukhumbula okuthile okuncane."
Njengoba bekuqinisekiswe yiKZN Inland, Cricket South Africa, iHhovisi likaNgqongqoshe wezeMidlalo nezinye izinhlaka zikahulumeni ngesonto eledlule, zenziwe izinhlelo zokuthi amalungu athile omndeni alibangise e-England.
"Silindele abakwaKhumalo batheleke noma yinini. Umama wakhe nomalume wakhe, uSakhi bazokwazi ukuba naye maduze. Siyethemba ukuthi ukuba nomndeni wakhe kuzomsiza kakhulu ekululameni kwakhe," kuqhuba uHumphries.
Ukaputeni weNorth Petherton, uLloyd Irish, ngomunye wabachaza ngesimo sikaKhumalo ezinkundleni zokuxhumana njengoba ebhalile ekhasini lakhe kwiTwitter.
"UMondli ukwazile ukucathula elekelelwa unesi namuhla okuyinto enhle kakhulu. Uyalulama futhi ukubheke ngabomvu ukubona umndeni wakhe. Olunye usuku oluhle ngempela," kubhala u-Irish ngoLwesibili.
Isingaphezulu kukaR460 000 imali esinikelwe esikhwameni esisungulelwe ukulekelela umndeni ngezindleko zasesibhedlela nokunye, kanti ikhona nenye enikelwe eceleni ngosaziwayo bekhilikithi namaqembu ase-England.
Sisavuliwe isikhwama sokuphosa esivivaneni kwi-website ethi https://www.crowdfunder.co.uk/p/support-mondli .
Amaphoyisa aseSomerset, akuqinisekisile ukuthi ukhona umsolwa oseke waphonswa imibuzo mayelana nalesi sigameko kodwa wabuye wadedelwa ngenxa yokuthi uphenyo lusaqhubeka.