SITHEMBISO MKHIZE
SIKHULU isikhalo kubagwedli abamnyama ngokwehla kwemiklomelo yeDusi Canoe Marathon eqala namuhla isongwe ngoMgqibelo.
Kulo nyaka, kubona bobubili ubulili, abazoshaya intambo bazoklonyeliswa ngo-R30 000. Njengoba kugwedlwa kwi-K2, kusho ukuthi umuntu ngamunye uzogoduka no-R15000. Ngonyaka odlule kugwedlwa kwi-K1 kwakuwu-R35 000.
Kuwo lo nyaka, isibili kwabesilisa kuzoba u-R20 000, kwabesifazane kube u-R15000.
Isithathu u-R15 000 kwabesilisa, kwabesimame kube u-R10 000.
Ngaphandle kwale miklomelo, esigabeni ngasinye somzila bazothola u-R7000 abazonqoba. U-R21 000 sekuhlanganiswe zontathu izigaba.
Esokuqala sisuka eCamp Drift siphelele kwiDusi Bridge. Esesibili sisongelwa eNanda Dam bese esokugcina siphelela eBlue Lagoon, eThekwini, ngoMgqibelo.
Igcine ngo-2017 imiklomelo econsisa amathe kulo mqhudelwano okuvame ukukhonya kuwo u-Andy Birkett.
Ababeshaya intambo babegoduka no-R57 000 kwi-K1 nakwi-K2.
Imiklomelo beyingcono kuze kuyoshaya kwabalale eyeshumi.
Abagwedli abakhulume neSolezwe bazwakalise ukuphatheka kabi ngalokhu kuqhubeka kokwehla kwemiklomelo. Basho ngazwi linye ukuthi lesi simo sibeka engcupheni ikusasa lalo mjaho nelo mdlalo uqobo.
USiboniso Khwela owanqoba iDusi ngo-2014, egwedla noBirkett, nosekuphele iminyaka ewu-15 ekulo mdlalo, uthe batshelwe ukuthi imiklomelo yehliswe wukugqoza kwabaxhasi.
"Lesi simo sehlisa umdlandla wokungenela lo mjaho. IDusi siyilungiselela ngemali enkulu. Sithenga izikebhe ezimbili ngonyaka. Sisinye singu-R25 000. Ngisebenzisa izinduku zokugwedla ezintathu. Iyinye ibiza u-R2500 kuya phezulu. Amateku engiwagqokayo awu-R3600. Kukhona nemali yemoto ethutha iziklebhe nakho konke kokugwedla, eyokudla okunomsoco nokunye okuningi. Ukubiza kwezinto zalo mdlalo kuyimbangela yokungandi kwesibalo sabamnyama abawudlalayo," kubeka uKhwela ozobe egwedla noNqobile Makhanya.
UBanetse Nkhoesa owathola ithusi kwiDusi ngo-2015, egwedla noKhwela, ucele uhulumeni angenele.
"Nakuba iningi labansundu lingajwayele ukushaya intambo kodwa beyiba ngcono imali ebeliyithola ngokungena kwi-Top 10. Bangcono abezinye izinhlanga ngoba banabaxhasi, bahola zinyanga zonke noma kungekho mijaho. Mina angisebenzi, ngiphila ngalo mdlalo. Kwesinye isikhathi iyagqoza imijaho ngigcine ngibuyela ekushayeleni amatekisi ngakithi.
“UMnyango wezeMidlalo uke wasifaka isandla kulo mdlalo. Izinto zashintsha kancane, sakwazi ukubeka isinkwa etafuleni. Sicela uqinise ekuxhaseni abagwedli abamnyama. Kuba ngcono okungenani uma uthola abaxhasi abazokweseka unyaka wonke. Okwamanje ngixhaswa i-Euro Steel ne-ADreach Group, " kubeka uNkhoesa oveze ukuthi bazimisele ngokungena kwi-Top 3 benoSiseko Ntondini.
Izolo ayiphumelelanga imizamo yokuthola abahleli beDusi ukuchaza ngesizathu sokwehla kwemiklomelo.