SELIQALILE ukufaka izindondo emgodleni walo iqembu elimele iNingizimu Afrika kumaCommonwealth Games abanjelwe eBirmingham, e-England, njengoba lithole ezimbili zegolide ngoMgqibelo ebusuku.
Zombili ziqhamuke kubabhukudi. ULara van Niekerk udle umhlanganiso emjahweni wabesifazane we-breaststroke ka-50m. Uphinde waqopha irekhodi elisha lamaCommonwealth lemizuzwana engu-29.73.
Igolide lesibili liqhamuke kuPieter Coetze onqobe umjaho wabesilisa we-backstroke ka-100m ngemizuzwana engu-53.78.
Maningi amathuba okuthi liphinde lengeze ezinye izindondo njengoba kunenqwaba yababhukudi bakuleli abazobamba iqhaza kweyamanqamu ngeSonto ebusuku okubalwa kubona uChad Le Clos noTatjana Schoenmaker.
Kwezemidlalo yamaqembu, iqembu labesilisa lebhola lombhoxo leSevens, amaBlitzbokke, lidlulele kuma-quarterfinal ngokunqoba yonke imidlalo yalo yamaqoqo liguqisa iMalaysia ngo-46-0, iTonga ngo-36-5 neScotland ngo-34-0.
Izinto azihambanga kahle kwelabesifazane leSevens Imbokodo njengoba lihlulwe kuyo yonke imidlalo yalo yamaqoqo. Bashaywe yi-Australia ngo-38-0, iFiji ngo-41-0, neScotland ngo-33-12.
Iqembu le-netball, amaProteas, liqale kabi ngesikhathi lishaywa yiJamaica ngo-68-49. Lizothola ithuba lokuvuka uma selibhekene neBarbados ngeSonto ntambama.
Kwikhilikithi, iqembu lakuleli labesifazane lithelwe phansi yiNew Zealand ngama-run angu-13 emdlalweni wamaqoqo weT20. AmaProteas azodlala umdlalo olandelayo ne-England ngoLwesibili lapho ezobe ebheke ukunqoba ukuze azibeke ethubeni lokudlulela kweyomkhumulajezi.