SITHEMBISO MKHIZE
SEKUDUMA imidlalo yama-Olympics emakhanda abasubathi abagile izimanga, benqobela okokuqala elakuleli, indondo yegolide, kwi-4x100m, kumaWorld Athletics Relay Championships, abeseSilesia, ePoland ngempelasonto.
Leli qembu elakhiwe ngu-Akani Simbine ongumpetha wakuleli kwi-100m, Thando Dlodlo, Gift Leotlela noClarence Munyai lenze isikhathi esiwu-38.71. Indawo yokuqala ihambisana no-USD 40 000, ngokwemali yakuleli ingaphezulu kuka-500 000.
USimbine obengukaputeni weqembu lakuleli, ogijime u-100m wokugcina kowamanqamu, uqhashise okwenhlamvu yevolovolo, eyodlula uPaulo Andre Camilo de Oliveira waseBrazil, egcine ijezisiwe, indawo yayo, yesibili yanikwa i-Italy.
Ngemuva kokunqoba uSimbine abonge iqembu lakhe ngokuzimisela.
"Kangazi ukuthi injabulo yethu ngingayichaza kanjani. Siye ePoland sinomqondo wokunqoba ngoba sifuna ukwenza isiqiniseko sokuthi sifuna ukuncintisana ezingeni lomhlaba. Ngiyababongela abafowethu. Ngiyibheke ngabomvu le sizini. Angingabazi ukuthi ama-Olmpic alo nyaka azoba wumbukiso omnandi. Nakuba sigijime isimo sezulu singesihle kodwa bengazi ukuthi ngigijima kahle endaweni ebandayo,“ kusho uSimbine.
UMunyai uthe: "Ngiphelelwe ngamazwi. Ngiye ePoland nethimba elihle labagajimi. Ngijatshuliswa wukuthi siwenzile umsebenzi ebesithunywe wona. Angifuni ukwenza izethembiso ezinkulu ngama-Olympics, sizoyeka izinyawo zizikhulumele zona enkundleni. Iminyaka emine kuya kwemihlanu edlule beyinzima. Kumnandi ukubuya ngalolu hlobo.“
UDlodlo uthe ufisa kube sengathi angajabula ngalolu hlobo ngemuva kwayo yonke imiqhudelwano. Uthe ukholwa wukuthi ngeqembu abanalo bazenza izimanga, basengaphinda baliphule irekhodi lase-Afrika.
Ezinye izindaba ezimnandi ezenzeke ePoland, wukuzibekela indawo kuma-Olympic kweqembu lika-4x400m, ebelakhiwe uLythe Pillay, Zakithi Nene, Oscar Mavundla noRanti Dikgale. Lokhu kwenzeke ngokuthi emjahweni wamanqamu lilale isihlanu ngesikhathi esiwu-3:05.76. Libekwe njengeqembu lesithathu eligijime izikhathi ezinhle.
Umengameli we-ASA, u-Aleck Sikhosana ubongele abasubathi nomqeqeshi, uPaul Gorries nemenenja, uDanie Cornelius nodokotela ngokusebenza ngokuzikhandla.
"Ekubeni ngingumengameli we-ASA, ngiswele amazwi. Ngagxekwa kakhulu ngesikhathi ngiya eTshwane ngiyokhuluma indaba yekhempu yaleli qembu. Ngangazi ukuthi ngenzani. Namuhla ngithokozile, laba bafana benze saziqhenya siyizwe.
"Amaqembu amabili alubhekisa kuma-Olympic, futhi singompetha bomhlaba kwi-4x100m. Sigcina ukunqoba kwi-4x400m kwakungu-2001 kuma-World Championships. Ngibonga kakhulu i-University of Pretoria ngale ndondo yegolide nangokuya eTokyo kweqembu lika-4x400m,“ kusho uSkhosana.
Iqembu elixube ubulili le-4x400m, lihlulekike ukuzibekela indawo kuma-Olympic, aqala uJulayi 23, eTokyo eJapan.
.