UMENGAMELI wenhlangano eyengamele isibhakela sama-amesha, iSouth African National Boxing Organisation (Sanabo), uSiyabulela Mkhwalo, ufongqe isigqoko kuhulumeni ngokuthi abasize ngezinsiza zokuthuthukisa isibhakela emazingeni aphansi eNingizimu Afrika.
UMkhwalo ubekhuluma naleli phephandaba eMpangeni, ngesikhathi kuqhubeka umkhankaso wokugqugquzela abesifazane ukuthi bangene kwezamankomane, i-Women In Boxing Week, ngoLwesibili. Kulo mjikelezo ohambele ezikoleni i-Old Mill High naseMevamhlophe High, iSanabo ihambisana neBoxing South Africa (BSA) okuyinhlangano eyengamele isibhakela eMzansi.
Ithimba lithakwe ngomshayisibhakela wesifazane, uPhiwokuhle "Ben 10" Mnguni waseDundee, oqophe umlando ewinela iNingizimu Afrika, indondo kuma-Commonwealth. UMnguni, obuye nendondo yethusi, ukhale ngokushoda kwezinto zokuziqeqesha ejimini yabo eSibongile, eDundee.
UMkhwalo uthe lena yinkinga ababhekebe nayo.
"Nakuba kuyinto esingayizwanga (inkinga yezinto zokujima) kodwa siyazi ukuthi sinenkinga siyisibhakela esingakhokhelwa ngezinto zokujima nezindawo okudlalelwa kuzoba. ISibongile ayikhethekile. Iyafana namanye amajimu esinawo. Yingakho sithi sicela uhulumeni asilekelele. Asiceli kuhulumeni kuphela kodwa kunoma ubani onawo amandla ukuthi afake isandla, alekelele ijimu ekhona endaweni ngoba la majimu asiza ekutheni kwehle ubugebengu, ububha nezinga lokuthi izingane zizithole zidla izidakamizwa nokunye," kusho uMkhwalo.
Umkhankaso weBSA oqale ngoMsombuluko, uzophetha ngezimpi zabesifazane kuphela besigaba esikhokhelayo ezizoba se-Olive Convention Centre ngoLwesihlanu ntambama. Kulo mjikeleko, uMnguni ubekhuluma nentsha, ikakhulukazi amantombazane, egqugquzela ukuthi bangene esibhakeleni kwazise siyishintshile impilo yakhe.
UMkhwalo uthe impumelelo kaMnguni kuma-Commonwealth imenza abe yisibani kwabanye abesifazane nakubashayisibhakela bonkana.
"Ukuphumelela kukaBen 10 kusho izinto eziningi esibhakeleni saseNingizimu Afrika. Okokuqala; kusho ukuthi iNingizimu Afrika inalo ikhono. Kodwa into esasele wukuthi livumbululwe, lilungiswe lifinyelele ezingeni uBen 10 akulona. Baningi abashayisibhakela abakhona ikakhulukazi ezindaweni zazemakhaya lapho, zingekho khona izingqalasizinda zokulungisa abashayisibhakela okuyinto esesicele kuhulumeni ukuthi siyilungise.
“Okwesibili; ukuwina kwakhe kusilekelela ekuthi izingane zibone ukuthi le nto iyenzeka. Ingane iyakwazi ukuphuma emakhaya lapho kungekho lutho khona kodwa ikwazi ukuyodlala phesheya ibuye nendondo. Okunye ke wukuthi njengoba silungiselela ukuya kuma-Olympics, sinazo izingane ezingazibekisela indawo," kusho uMkhwalo.