UTHOBEKILE Mjaja oyi-centre yeqembu leNetball laKwaZulu-Natal, iKingdom Queens, ufuna bafunde emaphutheni abawenze emidlalweni yomlenze wokuqala weTelkom Netball League (TNL).
IQueens, izomela iKZN ngokunjalo neKingdom Stars kwiTNL ezoqhubeka eHeartfelt Arena, ePretoria kusukela ngoLwesihlanu. Emlenzeni obukade useThekwini emasontweni adlule, iQueens iwine imidlalo emibili, yahlulwa kwemibili, yadlala ngokululingana komunye. Isendaweni yesithathu kwi-log yeDivision 2 enamaqembu ayisikhombisa.
UMjaja (19) waseNanda, ngomunye wabadlali beQueens abashaye into ecokeme eThekwini. Uqokwe waba ngumdlali ovelele bebhekene neComets.
"Njengoba siziqeqesha, umqeqeshi (uPrecious Mthembu) ulungisa amaphutha enzekile emidlalweni esiphuma kuyona ukuze siwine. Njengoba siya ePitoli nje, kufanele sigxilise imiqondo yethu emdlalweni. Lokhu esikwenziswa ngumqeqeshi kufanele sikwenze ngosuku lomdlalo, "kusho uMjaja ofunda umatikuletsheni eNortmead Secondary School, ePhoenix.
"Inkinga ebesibhekana nayo wukuthi sihamba phambili, bese siyawehlisa umfutho, sibuye ngekota yokugcina. Lokho akufuneki. Kumele sisebenze njengeqembu, 'sikhave' ngekota yesithathu, hhayi ngeyesine ngoba sisuke silandela emuva kakhulu. Uma sibuye salinganisa ngeyesithathu, Siyazi ukuthi ngeyesine sesidlalela ukuwina."
KwiDivision 2, iQueens izobhekana ne-Aloes, Sunbirds, Tornados, Baobabs, Diamonds neComets.
UMthembu, osanda kumemezela ukuthi useyayeka ukudlala imidlalo yamazwe njengoba esegxile ekuqeqesheni, uthe ujabule ngendlela abadlali bakhe abadlale ngayo kowomlenze wokuqala. Wavuma ukuthi kukhona okufanele bakulungise ePitoli.
"Ngokwami badlale kahle kakhulu nakuba bengekho phezulu kwi-log futhi behlulwe emidlalweni emibili. Kulesi sikhathi esincane nginabo, ngiyalubona ushintsho. Abadlali abaningi esinabo lapha abanaso isipiliyoni sokudlala kwiTNL. Ngakho ukudlala kahle kanje kwabo kusho ukuthi indlela yabo iyakhanya.
“Njengoba sibheke kweyomlenze wesibili, ngifuna silungise indlela esiqala ngayo imidlalo. Siqala ngegiya eliphansi. Kungenzeka ukuba lokhu kudalwa yindlela esizifudumeza ngayo noma yimiqondo yabadlali. Lokho kufanele kushintshe. Kufanele siqale ngegiya eliphezulu futhi siqhubeke kanjalo kuwona wonke amakota," kusho uMthembu.