KUQHILIKA izihlathi kumqeqeshi weqembu lakuleli lesizwe le-netball, uNorma Plummer, ngokubuya kwesinye sezithenjwa zaleli qembu, uKarla Pretorius, ngemuva kwesikhathi esingaphezu konyaka.
UPretorius (32) wagcina ukudlalela iqembu lesizwe libhekene neNorthern Ireland ngo-2021 wabe esethatha ikhefu ngenxa yokuthi ubelindele ingane yakhe yokuqala.
Ngemuva kokubeletha ngoJuni nyakenye ubuyele eqenjini lakhe lase-Australia eligijima kwiSuncorp Super Netball, iSunshine Coast Lightning, ngaphambi kokuthi aphinde abizwe kumaProteas.
"U-Karla Pretorius ubuyile ngemuva kokuthola ingane futhi ubukeka esesimeni esihle. Kufanele ngimncome ngendlela akwaze ngayo ukuphinde angene kahle eqenjini," kusho uPlummer.
“Usadinga ukuzilolonga njengabo bonke abadlali kodwa uba ngcono njalo uma engena enkundleni.”
UNicola Smith no-Elmere van der Berg abakhethwanga kulolu chungechunge ngenxa yokulimala kodwa ithimba lodokotela lizosebenzisana nabo baze balulame.
UPlummer ujabulile ngabadlali abancane abaseqenjini futhi ukubheke ngabomvu ukubona ukuthi bazodlala kanjani uma sebebhekene namaqembu ahamba phambili emhlabeni.
"Amalungiselelo ahamba kahle. Sinenhlanganisela enhle yabadlali abancane kanye nabadlali abanamava asebehlale isikhathi eside eqnjini," usho kanje.
“Iqembu lihluke kancane kunaleli elidlale kumaCommonwealth Games futhi siyethemba ukuthi sineqembu eliqinile elizosimela kahle kwiQuad Series.
FUNDA NALOLU DABA: Injabulo kuqhathwa aweNdebe yoMhlaba ye-netball
AmaProteas azovula lo mqhudelwano ne-New Zealand ngoMgqibelo ngo-4 ntambama bese edudulana ne-England ngeSonto ngaphambi kowokugcina wamaqoqo ne-Australia ngoLwesibili oluzayo.
Amaqembu amabili azoqhwakela kwi-log azohlangana kowamanqamu ngoLwesithathu oluzayo, kuthi amabili azoqeda emsileni alwele indawo yesithathu ngosuku olufanayo.
Yonke imidlalo izodlalelwa e-International Convention Centre eKapa, okuyinkundla ezosingatha imidlalo yeNdebe yoMhlaba kusukela ngoJulayi kuya ku-Agasti.
Iqembu lamaProteas elizogijima kwiNetball Quad Series:
Bongiwe Msomi (ukaputeni), Lenize Potgieter, Ine-Mari Venter; Nichole Taljaard, Nomfundo Mngomezulu, Sesandile Ngubane, Khanyisa Chawane, Izette Griesel, Refiloe Nketsa, Boitumelo Mahloko, Phumza Maweni, Karla Pretorius, Shadine van der Merwe, Zanele Vimbela, Monique Reyneke-Meyer.