UBONGA ithuba lokuyongcweka namaqembu aphesheya uNorma Plummer, ongumqeqeshi weqembu lakuleli lesizwe le-netball, kulandela uhambo elisanda kuluthatha lwase-Australia.
AmaProteas alibangise edolobheni, iMelbourne, esifundazweni saseVictoria, ngesonto eledlule, adlala imidlalo emine yobungani.
Anqobe iMelbourne University, Boroondara neqembu leVictoria State lika-Under 19, aguqiswa yiMelbourne Vixens.
I-Australia ingelinye lamazwe ahamba phambili emhlabeni kwi-netball njengoba kunamaligi aqinile khona.
UPlummer uthe zifezeke zonke izinhloso abebenazo ngalolu hambo njengoba bedlale imidlalo namaqembu asezingeni eliphezulu, bakwazi nokunika abadlali abasebancane amathuba okuzwana amandla nabadlali abagijima kwiligi ephezulu e-Australia.
“Kube wuhambo oluyimpumelelo. Siyinqobile eminye imidlalo yethu kodwa saguqiswa yiVixens, okuyiqembu elafika kowamanqamu kwiligi ephezulu, iSuncorp League,” kusho uPlummer.
“Sikwazile ukuhamba phambili ekupheleni kwekota yokuqala kodwa sibuye salishintsha iqembu ukuze sinikeze wonke umuntu ithuba lokudlala nelinye lamaqembu amakhulu e-Australia.
“IVixens inabadlali abahlanu abaseqenjini lesizwe lase-Australia ngakho-ke sigculisekile ngendlela esidlale ngayo. Sibe nezikhawu ezithile ezinhle kulo mdlalo.”
Iqembu lakuleli lilungiselela iNdebe yoMhlaba ezobanjelwa eKapa kusukela ngoJulayi 28 kuya ku-Agasti 6. Kweyamaqoqo liqhathwe neJamaica, Wales neSri Lanka kuGroup C.
“Ngicabanga ukuthi bonke abadlali abancane, abangakaze baphume eNingizimu Afrika futhi abebeqala ukuvakashela e-Australia, bavuleke amehlo. Izinsiza abanazo azikholakali,” uqhube kanje uPlummer odabuka khona e-Australia.
“INetball Victoria inakho konke. Uma ungaphakathi uyaqonda ukuthi kungani i-Australia ihamba phambili emhlabeni kwi-netball.
“Banezinkundla zokudlala ezisendlini ezingu-11, inkundla ekwazi ukusingatha imidlalo emikhulu, amagumbi okulashelwa kuwona abadlali, indawo yokuzivocavoca enkulu, izindawo zokuhlaziya amavidiyo emidlalo nendawo yokudlela.
“Wonke amahhovisi eNetball Victoria angaphakathi kulesi sikhungo esibukekayo futhi ngicabanga ukuthi abadlali bethu babe nethuba lokubona into ehlukile,” uphethe kanje.