XOLILE MPISANE
UKHALE ngokuhlukumezeka nangokucwaswa asedlule kukona njengomdlali we-cricket omnyama, u-Aaron Phangiso, ongumshwibi wakuleli oyi-spinner.
UPhangiso (37) ubekhuluma kwikhomishini yeCricket South Africa (CSA), iSocial Justice and Nation Building (SJN), okuhloswe ukuthi ilethe izinguquko emdlalweni we-cricket kuleli, kuphele ukucwasana ngebala, nobulili nokunye.
Iqale ngoJulayi 5 kanti kwasebethule ubufakazi phambi kukaSihlalo, u-Adv Dumisa Ntsebeza, owayengumengameli weCSA, uNorman Arendse, owayekwiBhodi yeCSA, uDkt Eugenia Kula-Ameyaw, nowayedlalela amaProteas, u-Omar Henry.
UPhangiso waqala ukudlala esigabeni esikhokhelwayo kwiNortherns ngo-2004, wajoyina amaHighveld Lions ngo-2010.
Ngo-2012 wafakwa eqenjini lesizwe lamaProteas okokuqala waphinde waba yingxenye yamaqembu adlala kwiNdebe yoMhlaba kwiT20 ngo-2014 nango-2016, neyemidlalo yosuku olulodwa ngo-2015.
KwiNdebe yoMhlaba ka-2014 neka-2015 akadlalanga ngisho nowodwa umdlalo, ngo-2016 wadlala kwemibili.
"Kwangiphatha kabi ukungadlaliswa kwiNdebe yoMhlaba ngo-2014 eBangladesh yize noma isimo sasivuma ukuthi kufakwe abashwibi abangama-spinner ababili. Ngathi uma ngimbuza umqeqeshi, uRussell Domingo, wathi akakwazi ukusidlalisa sobabili no-Imraan Tahir, " kusho uPhangiso.
"Kwangixaka lokho ngoba ngisho amaqembu angajwayele ukusebenzisa ama-spinner njenge-Australia ayewadlalisa abe mabili noma abe mathathu ngenxa yokuthi izinkundla zaseBangladesh zaziwavumela.
"Nango-2015 yimina ngedwa ongadlalanga eqenjini lonke, ngatshelwa ukuthi kumele ngilinde ithuba lami. Kwangiphinda ngo-2016 e-India, endaweni okusetshenziswa kuyona ama-spinner kakhulu, ngadlaliswa imidlalo emibili yokugcina sekuvele kucacile ukuthi amaProteas asezophuma.
"Noma kunjalo, kule midlalo enganikwa yona ngakwazi ukuqokwa njengomdlali ovelele sibhekene neSri Lanka, ngaphinde ngenza kahle nakowesibili. Kimina lokhu kukhomba ukuthi ukube ngalinikwa ithuba ngasekuqaleni kuningi okwakungashintsha," kusho uPhangiso.
Ngaphandle kokuncishwa amathuba afanele okudlala, uPhangiso uphinde wakhala ngokuthi iningi labadlali abansundu be-cricket lihola imali encane uma liqhathaniswa nabamhlophe abasezingeni elifanayo.
"Ngaqala ukukuqaphela lokhu ngisafika kulo mdlalo ukuthi asiholi imali efanayo. Ngajatshuliswa ukuthola inkontilaki ka-R1200 kwiNortherns kodwa zabuye zehla izihlathi sengithola ukuthi abadlali abamhlophe esasifike nabo siphuma eqenjini lesizwe lika-Under 19 bona babehola imali elinganiselwa ku-R5000," kuchaza uPhangiso.
"AmaLions angitakula ekuhluphekeni kodwa nakuwona ngigcine sengikhihla isililo esifanayo. Ngonyaka odlule bengihlonishwa ngokuqeda iminyaka eyishumi ngidlala kuleli qembu kodwa ngatshelwa ukuthi iholo lami lizoncishiswa.
"Ngikhuluma nje kunabadlali abangakayiqedi ngisho iminyaka emithathu bedlala kodwa sebeyangidlula ngeholo. Angikhulumeli imali kakhulu kodwa nayo ibalulekile ngoba sinemindeni okumele siyinakekele."
Ebuzwa ngafisa kushintshe kwi-cricket yakuleli ukuze ikusasa liqhakaze, uPhangiso, osebuyele kwiNortherns, uthe ufisa ukuthi bonke abadlali bahlonishwe ngokufanayo, kungaqhathaniswa ngokwebala. Ufisa ukubona laba ababekwe ezikhundleni eziphakeme beletha ushintsho oluhle.
"Kubuhlungu ukuthi kunabadlali abangeke beze bazothula ubufakazi ngenxa yovalo lokulahlekelwa yilokhu okuncane abakutholayo okuya ngasephaketheni. Ngifisa ukuthi abadlali bakalwe ngethalente nokuzimisela kwabo, hhayi ngebala,“ kusho uPhangiso.
"Nalabo ababekwa ezikhundleni, ikakhulukazi laba abansundu, abafike benze ushintsho bangazicabangeli bona bodwa. Uma kungalungiswa lokho, sizobona umlingo ngoba liningi ithalente kuleli lizwe."