OYIPHINI likamengameli weKwaZulu-Natal Karate Federation, uShihan Bongani Gumede, ukhala ngabaholi athi basagqugquzela i-karate “yasehlathini” abangafuni ukujoyina inhlangano okuyiyona eyengamele lo mdlalo kuleli, i-Karate South Africa (KSA).
Phambilini, i-karate beyimaqembuqembu eKZN nakuzwelonke, nobekwenza ingalutholi uxhaso olufanele eMnyangweni wezeMidlalo njengeminye imidlalo ekhona eNingizimu Afrika.
Nokho manje, lo mdlalo wenganyelwe yi-KSA, eholwa ngumengali uShihan Solly Pillay, egunyazwe yiSouth African Sports Confederation and Olympic Committee (Sascoc).
I-KSA imele i-full contact (uqina thambo) ne-semi contact, okuyizinhlobo ezimbili zokulwa ze-karate ezikhona.
I-KSA izosingatha umqhudelwano we-karate wezinga lezwekazi, i-All Africa Karate Championships e-Olive Convention Centre, eThekwini, kusukela ngoLwesihlanu kuze kube yiSonto.
Angu-30 amazwe ase-Afrika, okubalwa neNingizimu Afrika, azobe ebambe iqhaza kulo mqhudelwano okuzobe kudukluzana kuwona amakarateka angu-500.
“Kuyangikhathaza kakhulu ukuthi lapha esifundazweni sakithi iKZN, busadla lubi ubuhlathi kwi-karate njengoba kusekhona abaholi abasaqinisa amakhanda, abangakafuni namanje ukuba yingxenye yohlaka olufanele olwengamele i-karate kuzwelonke,” kusho uGumede.
“Lobu buhlathi obuqhutshwa ngabanye babaholi yibo kanye obenza lo mdlalo wethu uqhubeke nokungatholi ukunakwa nokuxhaseka ngendlela efanele njengeminye imidlalo.
“Laba bantu engikhuluma ngabo yibona laba abahlela imiqhudelwano ye-karate engagunyaziwe yi-KSA, kulimale abantu kubenjeya ngoba zingekho nezinhlelo zosizo lokuqala nezokuphepha ngenxa yokungalandeli imigudu efanele. Ekugcineni okusidalela igama elibi njengabantu be-karate, ekubeni lona kungumdlalo owakha isimilo somuntu.“
Uthe isifiso sakhe ukuthi wonke umuntu ajoyine i-KSA.
“Kumanje inhlangano yethu, i-KSA, iyosingatha indumezulu yomqhudelwano osezingeni eliphezulu njengalona, i-All Africa Karate Championships, ozoletha umnotho edolobheni lakithi eThekwini, kodwa kusenamakarateka angakafuni ukuphuma ehlathini abambe iqhaza emiqhudelwaneni esezingeni eliphezulu njengalona,” kusho uGumede.
UGumede, osengumakadebona kwezomkhalambazo uyingxenye yekomiti elihlela lo mqhudelwano futhi uyilungu lokwengeza esigungwini sikazwelonke se-KSA.
UPillay uthe: “Kusho lukhulu kithina njenge-KSA ukunikwa igunya lokusingatha umqhudelwano osezingeni eliphezulu ngalolu hlobo, nokukhombisa ngokusobala ukuthi izwe lethu lisathenjwa.
“Sinethemba elikhulu lokuthi lo mqhudelwano uzoba yimpumelelo futhi namakarateka ethu alapha eNingizimu Afrika alimele ngempumelelo izwe lawo.”