UMPETHA weRed Bull Quicksand uMxolisi Zondi, uthi umagange ngokuvikela isicoco sakhe kulo mjaho kazwelonke wokugijima ezihlabathini, awunqobe ngonyaka odlule eThekwini.
Lo mjaho obugijinywa okokuqala eMzansi nyakenye ngoJulayi, ukhuza ibuya kulo nyaka njengoba ugijinywa namuhla ngo-8 ekuseni kuya ku-1 emini, eSouth Beach, eThekwini.
Emjahweni wanyakenye obungenelwe ngabagijimi abangu-500, umhlanganiso kuwo ebangeni lika-1.6km, udliwe nguZondi ngesikhathi esingu-07:11, eshiya uVusi Hlongwane olale isibili, isithathu kwaba nguClaud Ekstein.
Kwabesifazane umhlanganiso udliwe nguTaya Sternburg.
"Amalungiselelo ami ahambe kahle kakhulu. Zibe ncane kakhulu izihibe ezibe khona emalungiselelweni.
Ngakho ngizizwa sengikulungele ngokuphelele ngokomzimba nangokomqondo ukusivikela ngempumelelo isicoco sami engisinqobe ngonyaka odlule, yize ngazi ukuthi ngeke kube ngumjaho olula ikakhulukazi njengoba uzobe usugijinywa okwesibili," kusho uZondi.
UZondi (27), waseMaqongqo, KwaNonzila eMkhambathini, uthi ukukhula egijima esikoleni nokuzivocavoca esihlabathini esinodaka ngasedanyini langakubo, iNagle Dam, kungenye yezinto ezimkhuthazile ekuqaleni lo mdlalo.
Ngaphandle kwalokho nomnewabo uMpilo Zondi, osezakhele igama ngokuba ngumgwedli wezikebhe kwiDusi Canoe Marathon, nabanye abagwedli bangakubo bangabanye babantu abamenza wawuthanda lo mdlalo wokugijima ezihlabathini, kwazise nabo benza umdlalo oseyivelakancane emiphakathini yabampisholo.
"Ngiyafisa kakhulu ukubona nentsha yangakithi ingena kulo mdlalo, ukuze sande isibalo sabadlali balo mdlalo nasezindaweni zakithi zasemakhaya.
Nami-ke futhi kusekuningi engisazimisele ngokukuzuza nokukufeza kulo mdlalo," kuqhuba uZondi.
UNomvula Khuzwayo, osebenzisana neRed Bull ngasohlangothini lokugqugquzela abantu ngokuzivocavoca, uthe: "Njengomuntu osebenza kakhulu ngokugquqgquzela abantu ngokuzivocavoca ngiyi-personal trainer, ngiyakwazi ukubaluleka kokuvocavoca umzimba nemiphumela yakho emihle emqondweni womuntu.
Okuyingakho ngibakhuthaza abantu ukuba babambe iqhaza kulo mjaho wokugijima ezihlabathini, noma-ke bengasagijimeli ukuwina, njengoba nami ngizobe ngigijima okokuqala kwiRed Bull Quicksand yakulo nyaka, yize ngingumuntu ogijimayo eKapa," kusho uKhuzwayo.