SITHEMBISO MKHIZE
UMFANA waseHammarsdale, eThekwini uqophe umlando eba ngowokuqala omnyama ukufakwa eqenjini elizomela elakuleli emqhudelwaneni wamabhayisikili ozoba seCairo, e-Egypt.
UThabiso Zindela oneminyaka ewu-16, uzomela elakuleli kuma-African Continental Track Championships azoba ngoMashi 10-13.
UMichael Dladla oqeqesha uZindela ofunda u-Grade 11 e-Isibukosezwe High School, utshele Isolezwe ukuthi lo mshovi wamabhayisikili ungumuntu wokuqala omnyama ukungena eqenjini lesizwe.
Eminyakeni edlule iqembu lakuleli belakhiwa ngezinye izinhlanga.
Echaza ngokufakwa kukaZindela kuleli qembu uthe, ngonyaka odlule ubeqhudelana nabanye abashovi bamabhayisikili emqhudelwaneni, iNational Grand Prix obuseGoli.
Ngalo mqhudelwano bekuhlungwa abazoya eCairo. Wathola amaphuzu ambeka endaweni yesithathu, iCycling South Africa yabe seyimfaka eqenjini lesizwe.
"Siyambongela uZindela, limfanele leli thuba alitholile. Uwumfana ohlale efuna ukunqoba, uma ephume isibili noma isithathu uphatheka kabi. Kangingabazi ukuthi nase-Egypt indlu emnyama emdlalweni wamabhayisikili uzoyimela kahle. Uma eke wanqoba uzozivulela amathuba emhlabeni jikelele,” kusho uDladla.
Lo mqeqeshi ono-level 1 wokuqeqesha kulo mdlalo, uthe uZindela ongaphansi koxhaso loMnyango wezeMidlalo, uqale lo mdlalo eneminyaka ewu-12.
Wajoyina iCodah Cycling Club.
Uthe akuphelanga sikhathi esingakanani bamfaka ngaphansi kwesigaba esibizwa nge-advance. Lapha umshovi usuke eseyingcweti nokho esaqhubeka nokufunda.
UDladla uthe uZindela wazakhela igama enqoba ngamalengiso umqhudelwano wamabhayisikili owawuyingxenye yeMandela Day Marathon.
"Ngabona lapho ukuthi lo mfana unekhono. Ngibe sengimfaka ohlelweni oluthile lokuziqeqesha abelwenza njalo uma ebuya esikoleni. Njengamanje ugila izimanga kwi-track nakwi-road cycling. Ngo-2017 unikele eCape Town, kumaNational Track Championships. Wagila izimanga, waphula irekhodi ebangeni lika-500m. Wabuya nezindondo ezintathu zegolide neyodwa yesiliva.
"Ngo-2019 ubuyelile kulo mqhudelwano, wanqoba igolide kwi-mandison. Sibonga kakhulu kuMnyango wezeMidlalo ngokuxhasa uZindela ngezinsiza zokujima zezinga eliphezulu," kubeka uDladla.
Uthe kulo nyaka uZindela usayiniswe iTeam Siata eshova esigabeni esikhokhelayo.
"Ukuzimisela kuzala impumelelo, siyambongela lo mfana. Leli qembu ligxila emijahweni emikhulu. UZindela usezokwazi ukubeka isinkwa etafuleni ngokushova amabhayisikili. Simfisela inhlanhla".
UDladla uthe usezinhlelweni zokwenza u-level 2 ekuqeqesheni.