XOLILE MPISANE
UMQEQESHI wamaCell C Sharks, uSean Everitt, wenze izinguquko ezimbili eqenjini elizoqala uma sebebhekene namaTafel Lager Griquas emdlalweni owandulela owamanqamu weCurrie Cup ngoMgqibelo.
Umdlalo uzoqala ngo-5 ntambama eJonsson's Kings Park Stadium.
Noma begcine bedliwe yiWestern Province kowokugcina wamaqoqo ngempelasonto eyedlule, u-Everitt ukhethe ukuligcina iningi labadlala kulowo mdlalo.
Phambili, uDylan Richardson uzoqala kwi-flank, evala isikhala sikaJames Venter, ongeke abekhona nasebhentshini.
Emuva, uMarius Louw uzothatha isikhala sikaMurray Koster, uzobambisana noJeremy Ward.
U-Everitt uthe ngeke balinge bawathathe kancane amaGriquas njengoba eseke abathela ngenduku kuyo lesizini.
"AmaGriquas adlala kahle selokhu kwafika uScott Mathie futhi bebelokhu bezimisele isizini yonke. Bakwazile ukuhlula amaLions, Western Province nathi imbala ngakho-ke siyazi ukuthi umdlalo uzoba nzima," kusho u-Everitt.
"Bagcina besihlule ngo-37-30 ngesikhathi begcina ukusivakashela. Kuzomele siwulungiselele kahle lo mdlalo wangoMgqibelo kodwa uma singaphambuki ezinhlelweni zethu sizonqoba singene kowamanqamu."
Komunye umdlalo owandulela owamanqamu, amaVodacom Bulls azotholana phezulu neDHL Western Province eLoftus Versfeld, ngoLwesihlanu ngo-7 ebusuku.
La maqembu abhekane emidlalweni emibili yamaqoqo, iProvince yanqoba ePitoli, amaBulls athatha umdlalo owawuseKapa.
Iqembu lamaSharks: 15 Curwin Bosch, 14 Yaw Penxe, 13 Werner Kok, 12 Marius Louw, 11 Thaakir Abrahams, 10 Lionel Cronje, 9 Sanele Nohamba, 8 Phepsi Buthelezi (ukaputeni), 7 Henco Venter, 6 Dylan Richardson, 5 Gerbrandt Grobler, 4 Le Roux Roets, 3 Khutha Mchunu, 2 Kerron van Vuuren, 1 Ntuthuko Mchunu.
Ebhentshini: 16 Dan Jooste, 17 Khwezi Mona, 18 Lourens Adriaanse, 19 Reniel Hugo, 20 Thembelani Bholi, 21 Cameron Wright, 22 Jeremy Ward, 23 Anthony Volmink.