XOLILE MPISANE
UKUDLALA ngokuzimisela nokubambisana ikona okwenze amaCell C Sharks anqobe umdlalo wokuqala weCarling Currie Cup, ngokusho komqeqeshi waleli qembu uSean Everitt.
AmaSharks awuvule kahle lo mqhudelwano ehlula amaTafel Lager Griquas ngo 30-16 eTafel Lager Park, eKimberley, ngoMgqibelo.
Aphinde agixabezwa ngephuzu eliyibhonasi njengoba eshaye ama-try amane kulo mdlalo.
Ama-try ashaywe ukaputeni uPhendulani Buthelezi, Jeremy Ward, Hyron Andrews noKerron Van Vuuren. Amanye amaphuzu aqhamuke kuBoeta Chamberlain, odlala kwi-flyhalf, okhahlele ama-conversion amabili, i-drop goal eyodwa nephenathi eyodwa.
AmaGriquas athole ama-try amabili, abekwe u-Eduan Keyter noDaniel Kasende, uGeorge Whitehead wagcwalisela ngamaphenathi amabili.
Lo mphumela ubeke amaSharks endaweni yesithathu namaphuzu amahlanu. Bayalingana namaNew Nation Pumas asesicongweni, namaDHL Stormers alele endaweni yesibili, kodwa la maqembu awine ngamaphuzu athe xaxa emidlalweni yawo.
Leli qembu lamaSharks belehlukile kuleli ebeligijima kwiRainbow Cup SA ngenxa yokuthi kunabadlali abayisishiyagalolunye asebejoyine ikhempu yamaBhokobhoko okubalwa kubo uLukhanyo Am, Siya Kolisi, Aphelele Fassi, Ox Nche nabanye.
"Ngigculisekile ngendlela abafana abadlale ngayo. Kuhlezi kungelula ukudlala eKimberley ngakho-ke kuyasikhuthaza ukuthi sibuye nawo wonke ephelele amaphuzu," kusho u-Everitt.
"Akuyona imfihlo ukuthi amaSharks ajwayele ukudonsa kanzima uma edlala kule nkundla. Ngiyabancoma kakhulu abadlali ngokuzimisela nokubambisana, ikakhulukazi njengoba beziqeqeshe ndawonye isonto elilodwa kuphela.
"Kuyasithokozisa ukuyiqala kahle iCurrie Cup ngokuthi sinqobe ekuhambeni. Usemningi umsebenzi osihlalele kodwa kulula ukusebenzisana nalaba badlali. Bayashesha ukubamba esibafundisa kona."
Kweminye imidlalo yeCurrie Cup yangempelasonto, amaPumas abhaxabule amaXerox Lions ngo 39-10 eMbombela Stadium ngoLwesihlanu, amaStormers aguqisa amaVodacom Bulls ngo 48-24 eLoftus Versfeld ngoMgqibelo.
AmaBulls abedlala ngaphandle kwabadlali abaningi abamqoka abebeyingxenye yeqembu elidlale kowamanqamu weRainbow Cup e-Italy, khona ngoMgqibelo. Nalapho bathelwe induku, behlulwa iBenetton ngo 35-8.