XOLILE MPISANE
UMQEQESHI wamaSharks, uSean Everitt, uthi ukungabibikho kwabadlali baphambili abamqoka kubaphazamisile ngesikhathi behlulwa amaBulls, emzuliswaneni wokugcina weRainbow Cup SA ngoMgqibelo ebusuku.
AmaSharks abedinga ukuwunqoba lo mdlalo ukuze azibeke ethubeni lokungena kowamanqamu kodwa ehluleka. AmaBulls anqobe ngo 34-22. U-Everitt uthe ukungabi khona kukaWiehahn Herbst kuphoqe ukuthi bacele ukusebenzisa u-Ox Nche noThomas du Toit, abayingxenye yamaBhokobhoko kodwa amaBulls asichitha leso sicelo umdlalo usuzoqala.
"Uma kumele ushintshe abadlali sekuzodlalwa ngeke iqembu lingaphazamiseki kodwa kuyenzeka lokhu. Asiqondile ukucasha ngesithupha. Sizilolonge ndawonye njengeqembu phakathi nesonto kodwa besazi ukuthi uThomas no-Ox bayingxenye yamaBhokobhoko," kusho uEveritt.
"Uma ulahlekelwa abadlali ababili abasezingeni labo kuyezwela. Ngesiwombe sokuqala maningi amaphenathi esiwanike amaBulls ngenxa yokuthi bebesihlula kuma-scrum. Lokho kusifake kwenkulu ingcindezi. Badlale kahle nalaba esibafakile. UKhutha Mchunu ubelimele amasonto ayisithupha wonke kodwa ushayele imoto esuka eBloemfontein weza eThekwini, wafike wadlala imizuzu yonke ewu-80. Singagxeka kodwa bakhombise ubuqhawe. KumaSharks siyaziqhenya ngokuzimisela nokuzinikela kwabadlali bethu."
Uqhube wathi bekulele kumaBulls ukuthi abadedele basebenzise uNche noDu Toit kodwa akafuni ukugxila kakhulu kulokho.
"Ngeke ngiphawule kakhulu, ngizokushiyela abaqondene nokwenzeka ngaphandle kwenkundla. Mina njengomqeqeshi ngibheka okumele kwenziwe enkundleni," kuqhuba u-Everitt.
"Kuyiqiniso ukuthi besinenkinga phambili njengoba uWiehahn (Herbst) athinteka emqolo. Yena nabanye abadlali abanjengoRuben (Van Heerden) noLe Roux Roets baphinde basondelana nomuntu otholwe eneCovid-19. UHenco Venter ulimale ekhanda ezilolonga neqembu. Bekuyisonto elinzima kakhulu.
"URassie Erasmus (umqondisi wezombhoxo kuleli) ukubeke ezandleni zabaphathi bamaqembu ukuthi bathathe isinqumo mayelana namaBhokoBhoko obekufanele aphunyuzwe. Ekugcineni amaBulls alile ukuthi sibafake. Siyayihlonipha imigomo yokunakekela amaBhokobhoko futhi sizibophezele ekwesekeni iqembu lesizwe. Besiceliswa ukuxakeka. Ngeke sivike ngalokho, ngisamile ekutheni sidlale kahle kodwa sangawasebenzisa amathuba."
AmaBulls azomela iNingizimu Afrika kowamanqamu weRainbow Cup azowudlala neqembu lase-Italy iBenetton Treviso ngoMgqibelo. AmaSharks asezobheka iCarling Currie Cup ezoqala ngempelasonto.