XOLILE MPISANE
UNETHEMBA lokuthi bazozibuyisa izinduku uma sebebhekene namaVodacom Bulls kowamanqamu kwi-Currie Cup ngoMgqibelo, umqeqeshi wamaCell C Sharks, uSean Everitt.
AmaBulls azibekisele indawo kowamanqamu ngesikhathi equmba phansi i-Western Province ngo-48-31 eLoftus, ngoLwesihlanu ebusuku.
AmaSharks asebenze kanzima agcina edlule ngo-28-24 kumaGriquas eJonsson Kings Park, ngoMgqibelo ntambama.
Kuzobe kungokwesibili kulandelana ukuthi amaBulls namaSharks ahlangane kowamanqamu kwiCurrie Cup. Ngesizini edlule, iqembu laseTshwane labuya sekuvalwe amehlo lagcina linqobe ngo-26-19.
U-Everitt uthe ugculisekile ngendlela abadlale ngayo behlula amaGriquas kodwa kuzomele bawanyuse amasokisi uma befuna ukudla amaBulls ekuhambeni.
"Sijabulile ngokunqoba umdlalo, akuyona into elula ukuwina umdlalo owandulela owamanqamu," kusho u-Everitt.
"Sibuye sazifakela ingcindezi ngokudala amaphenathi amaningi, sathola nekhadi elibomvu ngasekupheleni komdlalo.
"Okusemqoka ukuthi senze okwanele sakwazi ukuthi sinqobe. Sizosebenza kanzima kuleli sonto, silungise okumele sikulungise ukuze siye eLoftus sinethemba lokuthi sizobuya nayo indebe."
AmaSharks aseke alithola ithuba lokuziphindiselela kumaBulls njengoba enqobe ngo-35-28 ngesikhathi bebhekene kowamaphuzu kodwa u-Everitt usebheke ukuthi bakuphinde kowamanqamu.
Noma ezikaJake White zikhombise amandla zidlala neProvince, u-Everitt ukholwa ukuthi unabo abadlali abazomelana nendlela amaBulls adlala ngayo.
"Ngibathembile abadlali bami baphambili, uLe Roux Roets uqokwe njengomdlali ovelele sibhekene namaGriquas ngenxa yomsebenzi omuhle awenzile. UGerbrandt Grobler udlale indima enkulu emabholeni ahamba phezulu. Ama-locks amaBulls adlala kahle, kunomfana omncane uJanko Swanepoel, noRuan Nortje osefomini kodwa uma ubheka kwi-Currie Cup kulo nyaka sibambene ngo-1-1. Kuzocaca kowamanqamu ukuthi ubani ozoya ku-2-1. Sesike sabahlula kuyona le sizini ngakho-ke asikho isidingo sokuthi singazethembi ukuthi singakuphinda lokho," kusho u-Everitt.