OCIJA abashwibi beqembu lakuleli labesilisa lekhilikithi, uCharl Langerveldt, ukholwa wukuthi sebelulungele uchungechunge lwemidlalo yeTest abazoyidlala ne-Australia futhi nabashwibi bazilungele izimo abazobhekana nazo.
AmaProteas adlale umdlalo wokungcweka neCricket Australia XI ophele zibambene e-Allan Border Field eBrisbane ngoMsombuluko ekuseni.
Iqembu lakuleli lishaye ama-run angu-347 kwi-innings yokuqala, lakhetha ukuma kwi-innings yesibili selihlanganise angu-304, lalahlekelwa amawikhethi ayisishiyagalombili.
I-Australia XI ibidinga ama-run angu-426 ukuze inqobe ngosuku lokugcina kodwa ibisashaye angu-184 ngesikhathi kuphela isikhathi sokudlala, isilahlekelwe amawikhethi ayisithupha. Kwi-innings yokuqala ikhishwe yonke inama-run angu-226.
Umdlalo wokuqala ne-Australia useThe Gabba, eBrisbane, kusukela ngoMgqibelo.
ULungi Ngidi uthole amawikhethi amathathu kwi-innings yokuqala, uGerald Coetzee naye wathatha amathathu, kwathi uKagiso Rabada wathola amabili kwi-innings yesibili.
Ababhethayo abagqamile ngukaputeni, uDean Elgar, oshaye ama-run angu-109 kwi-innings yokuqala, kwathi uKyle Verreynne wathola angu-80.
Kweyesibili uRassie van der Dussen ushaye ama-run angu-95, uTheunis de Bruyn wahlanganisa angu-88.
"Umdlalo wokungcweka ube wusizo kubadlali bethu. Wonke umuntu ulitholile ithuba lokudlala. Kubalulekile ukuthi bathole isikhathi sokushwiba, ukubhetha kanye nokunqaka," kusho uLangerveldt.
"Ngicabanga ukuthi badlale kahle, ikakhulukazi abashwibi. Baphose ngendlela ebesiyifuna, ikakhulukazi eBrisbane lapho izimo zihlukile kwezinye izingxenye ze-Australia.
"Ngicabanga ukuthi uKG (Rabada) uza kahle kule sizini futhi uLungi usaqhubeka nokwenza kahle. Bangabashwibi abahlukene ngoba uLungi udlala ngendlela eqondile kanti uKG ungumdlali othatha amawikhethi, nakuba ebuye adedele ama-run."
ULangerveldt uvumile ukuthi abaqoki kufanele bacabange kahle uma sebekhetha iqembu elizodlala emdlalweni ukuze babe neqembu eliqinile kuzona zonke izinhlangothi.
“Kuzoba nezinqumo ezinzima ngoba kubalulekile ukuba nomdlali obhethayo owengeziwe noma okwazi ukushaya aphinde ashwibe kodwa e-Australia udinga ukuthatha amawikhethi angu-20,” kusho uLangerveldt.
“Uma ufuna ukunqoba lapha, udinga ukuthatha amawikhethi angu-20 kodwa uyafuna futhi nokuthola ama-run amaningi.
"Ngicabanga ukuthi kuhle ukuthi abadlali babange izindawo eqenjini, yilokho esikudingayo. Bonke baletha okwehlukile eqenjini, okuyinto enhle kakhulu."
Umdlalo wesibili uzodlalelwa eMelbourne kusukela ngoDisemba 26 kanti owokugcina uzobanjelwa eSydney kusukela ngoJanuwari 4.