IBAMBA lomqeqeshi weqembu lekhilikithi labesilisa lakuleli, uMalibongwe Maketa, lithi leli qembu lidinga ukudlala imidlalo eminingi nabadlali bathole isipiliyoni ngaphambi kokuthi likwazi ukumelana namaqembu ahamba phambili emhlabeni.
Lo mqeqeshi wanikwa izintambo okwesikhashana ngoNovemba nyakenye, ukuze ahole iqembu ochungechungeni lwemidlalo emithathu yama-test esanda kuphothulwa e-Australia.
AmaProteas ashaye udaka kulolu hambo njengoba eguqiswe ngo-2-0. Anenebulwe kakhulu emidlalweni emibili yokuqala kodwa atabalasa emdlalweni wesithathu ophazanyiswe yimvula, wagcina uphele zibambene.
Abadlali abashaya ibhola yibona abahlulekile ukuthola ama-run anele kule midlalo kodwa nabashwibi kukhona lapho bethwale khona kanzima.
"Bekunzima impela. Sihlulwe yiqembu elingcono, ebelinamakhono angcono kanye nesipiliyoni. Kuyasikhuthaza ukuthi sikwazile ukuphuma silwe emdlalweni wokugcina," kusho uMaketa.
"Besazi zibekwa nje ukuthi kufanele silishaye kahle ibhola ukuze sizibeke ethubeni lokunqoba imidlalo. Izimo esibhekene nazo emdlalweni wokuqala zazinzima kodwa sizigwaze ngowethu emdlalweni wesibili.
“Uma sibheka uhambo lulonke, kucacile ukuthi ukushaya ama-run amaningi kwi-innings yokuqala bekubalulekile ngaphambi kokuthi abashwibi bethu bahlasele. Ngeshwa asiyinqobanga ithosi, nobekuzoshintsha izinto ezithile, ikakhulukazi emdlalweni wokuqala."
Ngenxa yale miphumela engemihle, amaProteas ehlele endaweni yesine kwi-log ye-ICC World Test Championship. Amaqembu amabili azoqeda eqhwakele azodlala kowamanqamu ngoJuni.
Njengamanje i-Australia isesicongweni, ilandelwe yi-India. AmaProteas adinga ukunqoba imidlalo emibili azoyidlala neWest Indies ekhaya ngasekupheleni kwenyanga ezayo nangoMashi, aphinde athandazele ukuthi eminye imiphumela iwavune ukuze afinyelele kowamanqamu.
“Ngokubona kwami, abadlali bethu basadinga ukudlala imidlalo eminingi yasekhaya yezinsuku ezine kanye neyamazwe yezinsuku ezinhlanu ukuze bafunde okuningi," uqhube kanje uMaketa.
“Ngiyazi ukuthi sisebenza kanzima ukubahlelela eminye imidlalo yama-test ukuze bajwayele ukudlala ezindaweni zabo nokudlala ndawonye.
"Abadlali bethu abamqoka baphazanyiswe yiCovid-19 nokulimala, saphoqeleka ukuthi sishintshe okuningi kule minyaka embalwa edlule. Lezo akuzona izaba, yiqiniso. Sifuna ukukulungisa lokhu emidlalweni ezayo."
I-Cricket South Africa ayikaziphothuli izinhlelo zokuthola umqeqeshi ozothatha izintambo ngokuphelele selokhu uMark Boucher ashiya lesi sikhundla ngemuva kweNdebe Yomhlaba ye-T20 ngoNovemba.
AmaProteas azodlala imidlalo emithathu yosuku olulodwa ekhaya ne-England ngasekupheleni kukaJanuwari ngaphambi kokubhekana neWest Indies. UMaketa uthe usazimisele ngokuqhubeka nokulicija iqembu uma enikwa ithuba.
"Ngicabanga ukuthi kuyinselelo ethokozisayo uma ubheka abadlali esinabo. Nginesiqiniseko sokuthi abadlali abasekhaya bazibona besethubeni lokuzibekisela izindawo eqenjini lesizwe. Ngenxa yalokho, nakanjani ngizimisele ukufaka igama lami ukuze ngibe ethubeni lokuba yingxenye yalolu hambo," usho kanje.