UKHALE ngokungabi nenqwaba yabadlali asebemnkantshubomvu ukaputeni weqembu lakuleli lekhilikithi lamaTest, uDean Elgar, ngemuva kokudliwa yi-England ngoMsombuluko ntambama.
AmaProteas abhaxatshulwe ngamawikhethi ayisishiyagalolunye kwi-test yesithathu e-The Oval, uchungechunge lwabe selunqotshwa yi-England ngo 2-1.
AmaProteas anqoba umdlalo wokuqala e-Lords Cricket Ground, i-England yathatha owesibili e-Old Trafford Cricket Ground ngaphambi kokunqoba owokugcina.
Umdlalo uze waqala ngosuku lwesithathu ngenxa yokuthi olokuqala lwaphazanyiswa yimvula, kolwesibili wamiswa kulandela ukudlula emhlabeni kwendlovukazi yase-England, u-Elizabeth II.
Iqembu lasekhaya liwine ithosi lakhetha ukushwiba kuqala, lawakhipha amaProteas esashaye ama-run angu-118 kuphela. I-England iphendule ngokushaya angu-158.
Kwi-innings yesibili amaProteas enze kangcono engeza ama-run angu-169, abekela i-England inselelo yokushaya angu-130 ukuze inqobe umdlalo. Iqembu lasekhaya lifinyelele kalula kuleso sibalo lisalahlekelwe iwikhethi eyodwa kuphela.
Lo mphumela uchaza ukuthi amaProteas alahlekelwe uchungechunge lokuqala lwe-test selokhu u-Elgar athatha izintambo ngoMashi nyakenye.
Uthe ukuba nenqwaba yabadlali abasadlale imidlalo embalwa yama-test kube nomthelela ekuhlulweni kwabo. Uphinde wakhala ngokuthi ikhefu elide phakathi komdlalo wesibili nowokugcina liphazamise umgqigqo wabo.
"Ngicabanga ukuthi ukuntuleka kwabadlali abanamava futhi abanolwazi ngezimo okudlalwa ngaphansi kwazo e-England kube nomthelela. Bekulukhuni ngisho kimina ngibe ngingumakadebona, angazi ukuthi bekunzima kangakanani kulaba abasadlale i-test eyodwa noma amabili,” kusho u-Elgar.
"Ngicabanga ukuthi besingasheshe siwuqale umdlalo wokugcina futhi ngabe sesisekhaya manje. Mhlawumbe yinto okufanele siyibhekisise ngokuzayo.
"Ngiyazi ukuthi bekufanele ukufaka ikhefu phakathi komdlalo wesibili nowokugcina kodwa belilide impela. Ngokubona kwami besingaphumula izinsuku ezine noma ezinhlanu bese siyadlala."
AmaProteas asezogxila ezinhlotsheni zekhilikithi ezimfishane njengoba ezodlala imidlalo yosuku olulodwa kanye neye-T20 e-India ngaphambi kokudlulela kwiNdebe yoMhlaba ye-T20.
Uchungechunge olulandelayo lwama-test azoludlala ne-Australia ngoDisemba nangoJanuwari.
"Kuzoba olunye uchungechunge olunzima uma sesibhekene ne-Australia. Akulula neze ukuya lapho. Esinye isahluko esijabulisayo kithina futhi kuningi okusha esizobhekana nakho," kusho u-Elgar.
"Kumele siqine kakhulu ngaphambi kochungechunge olulandelayo. Yonke imidlalo izobanzima, yithuba lokuthi sizame ukulungisa amaphutha ethu futhi sizame ukuqinisa uhlobo lwekhilikithi esifuna ukuludlala."