UBONA sekuyisikhathi sokuthi imiphumela ihambisane nokuzikhandla ukaputeni wamaProteas, uKeshav Maharaj, njengoba belibangise England.
Lo mdlali uqokwe njengebamba likakaputeni ochungechungeni lwemidlalo yosuku olulodwa kwazise ukaputeni, uTemba Bavuma, ngeke abe yingxenye yohambo ngenxa yokulimala endololwaneni.
Iqembu lihamba ngoLwesihlanu. Lizodlala imidlalo emibili yokuzilungiselela ne-England Lions ngaphambi kokubhekana neqembu elikhulu le-England emidlalweni emithathu yosuku olulodwa kusukela ngoJulayi 19.
"Konke kumi ngomumo futhi wonke umuntu ukulungele ukuhamba. Siyazi ukuthi kuzoba wuhambo olunzima ngoba i-England isefomini enhle. Sizogxila ezinhlelweni zethu kanye nokudlala ikhilikithi ngendlela esifuna ngayo,” kusho uMaharaj.
“Ngithemba ukuthi sizokwenza okwanele ukushaya leli qembu lase-England elikhombisile ukuthi liseqophelweni eliphezulu eminyakeni emibili noma emithathu edlule.
"Banomgqigqo omuhle ngakho-ke kuzoba yisivivinyo esihle kithina ukubhekana nabo. Uma sifuna ukuba yiqembu elihamba emhlabeni kufanele sidlale kahle futhi sizame ukuhlula amaqembu ayingozi."
AmaProteas asengcupheni kwi-log ye-ICC World Cup Super League njengoba elele endaweni ka-11 ngamaphuzu angu-49. Emidlalweni engu-13 eyedlule, okuyiyona obekuthathwa kuyona amaphuzu, elakuleli linqobe emine kuphela, ladliwa kweyisikhombisa, emibili yaphazamiseka.
Amaqembu ayisishiyagalombili azobe eqhwakele kwi-log ekupheleni kukaMashi ngonyaka ozayo azozibekisela izindawo kwiNdebe yoMhlaba ka-2023 yemidlalo yosuku olulodwa.
Azoqeda ngaphandle kweTop 8 kuzomele adlale umqhudelwano wokuhlunga ukuze athole ithikithi eliya e-India.
"Imidlalo esiyidlale onyakeni owodwa noma emibili edlule ayizange ikhombise ngempela ukuthi besizama ukuzuzani. Nokho kufanele sithembe izinhlelo zethu bese senza kangcono enkundleni.
"Nginesiqiniseko sokuthi izithelo zomsebenzi wethu onzima zizobonakala kulolu chungechunge. Sesizame izinhlanganisela ezahlukene kodwa ngikholwa ukuthi iqembu selihlangene manje.
"Akukho okutheni esingakukhomba sithi besikwenza kahle noma kabi yingakho silithake kanje leli qembu ngoba sikholwa ukuthi lizobhekana nazo zonke izidingo zethu," kusho uMaharaj.
Iqembu lamaProteas elizobhekana ne-England: Keshav Maharaj (ukaputeni), Quinton de Kock , Reeza Hendricks, Marco Jansen, Heinrich Klaasen, Janneman Malan, Aiden Markram, David Miller, Lungi Ngidi, Andile Phehlukwayo, Dwaine Pretorius, Anrich Nortje, Tabraiz Shamsi, Rassie van der Dussen, Lizaad Williams, Khaya Zondo, Kyle Verreynne.