XOLILE MPISANE
UFUNA bangayiniki ntuba yokubuya i-England umdlali wamaProteas, uKeshav Maharaj njengoba la maqembu ezohlangana emdlalweni wesibili wochungechunge lwe-test e-Old Trafford Cricket Ground.
Umdlalo uzoqala ngoLwesine ngo-12 emini. Iqembu lasekhaya lizobe libheke ukunqoba ngemuva kokubhaxatshulwa nge-innings nama-run angu-12 kowokuqala obuseLord's Cricket Ground, ngesonto eledlule.
"Siyazi ukuthi i-England iyizimbangi eziqinile futhi izokwenza konke okusemandleni ukuze ibuye. Ngicabanga ukuthi noma yiliphi iqembu elisuke lingemuva liyalwa emdlalweni wesibili,” kusho uMaharaj.
“Kodwa uma sikhuluma iqiniso sigxile kakhulu ezinhlelweni zethu. Sifuna ukubambelela kulokho esakwenza emdlalweni wokuqala lapho zidlale kahle khona futhi sadlala nesitayela sethu. Uma sikwenza lokho maningi amathuba okuthi sinqobe futhi, ingakwazi ukubuya i-England."
Umshwibi uKagiso Rabada ukwazile ukufaka igama lakhe ebhodini lase-Lord's ngokuthatha amawikhethi amahlanu kwi-innings yokuqala ngesonto eledlule kodwa akekho noyedwa kubadlali ababhethayo ongenile ohlwini lwabadlali abakhethekile njengoba engekho oshaye ama-run angu-100 noma ngaphezulu.
USarel Erwee nguyena oqongelele ama-run amaningi kwabamaProteas emdlalweni wokuqala, eshaya angu-73, ukaputeni uDean Elgar, wathola angu-47.
Abadlali ababhetha maphakathi nangasekugcineni nabo baphosile esivivaneni njengoba uMarco Jansen ehlanganise angu-48, uMaharaj wathola amanye abalulekile angu-41.
UMaharaj ulindele ukuthi abadlali bakuleli ababhetha kuqala bakhuphule amasokisi e-Old Trafford.
"Ngicabanga ukuthi siyiqembu siyafuna ukubona izethenjwa zethu zishaya ama-run angu-100 noma ngaphezulu. Akusikho ukuthi laba badlali bazithela ngabandayo ngoba bethembele kwabashaya ngemuva kwabo.
“Ngesikhathi u(Mark) Boucher ethatha izintambo zokuba ngumqeqeshi waqala wenza umsebenzi omningi nathi esibhetha maphakathi nasekugcineni, ukuze nathi sijwayele ukushaya ibhola. Siyazi ukuthi lawo ma-run angu-50 noma angu-60 atholakala ekugcineni enza umehluko omkhulu.
"Uma sizilolonga emanethini abashwibi bethu abaningi sebechitha isikhathi esithe xaxa bezijwayeza ukushaya ibhola. Kuyajabulisa ukuthi seziyabonakala izithelo."
Uma amaProteas engawunqoba umdlalo wesibili azoluthatha uchungechunge kusasele umdlalo owodwa. Kodwa-ke, uma iqembu lasekhaya likwazile ukubuya bazolingana ngo 1-1 bese kucaca kowokugcina ngozonqoba, ozodlalelwa eThe Oval, eLondon, kusukela ngoSepthemba 8.