UKAPUTENI weqembu lesizwe leNingizimu Afrika lekhilikithi, uDean Elgar, ukholwa ukuthi izinkinga ababhekene nazo zingalungiseka ngaphandle ngokwandisa amahora okuzilolonga.
AmaProteas ashaywe yi-Australia ngamawikhethi ayisithupha emdlalweni wokuqala we-test e-Gabba, e-Brisbane, ngeSonto. Lo mdlalo uthathe izinsuku ezimbili kuphela kweziyisihlanu ebezihleliwe.
Iqembu lakuleli lithole ama-run angu-152 kwi-innings yokuqala kwaphinde kwabheda kakhulu kwi-innings yesibili lapho lihlanganise khona ama-run angu-99 kuphela.
Yize kunjalo, u-Elgar ukholwa wukuthi lokhu kungalungiswa ngokuthi abadlali bazethembe kangcono.
"Angiboni ukuthi ukushaya amabhola amaningi kuzosenza sibe ngabadlali abangcono. Kade saqala ukudlala lolu hlobo lwekhilikithi futhi sonke siyazi ukuthi kwenzekeni," kusho u-Elgar.
"Abafana bayakwazi kahle okufanele bakwenze ngakho-ke ukushaya amanye amabhola angu-100 noma angu-200 ngeke kubenze babe ngabadlali abangcono.
“Kumele sibe neqiniso, sihlaziye ukuthi yini eyenze singadlali kahle kulo mdlalo? Ngiyazi ukuthi bebengaphumi ngenhloso kodwa i-Australia ishwibe kahle.
"Singene kulo mdlalo izinga lokuzethemba liphezulu. Sizilungiselele kahle futhi sidlale kahle emdlalweni wokungcweka. Ngifuna ukuthi abadlali bangakuzibi okwenzekile ukuze singene emdlalweni olandelayo imiqondo yabo isisesimeni esihle."
U-Edgar uncome abashwibi ngokwenza umsebenzi wabo, ikakhulukazi uKagiso Rabada, othathe amawikhethi ayisishiyagalombili emdlalweni wokuqala.
"Indlela abashwibe ngayo isinika ithemba. URabada ungumdlali omqoka, hhayi kubashwibi kuphela kodwa eqenjini lonke. Uma enza kahle kunzima ukungamlandeli," kusho u-Elgar.
"Akuyena kuphela odlale kahle kodwa bonke abashwibi. U-KG ungumshwibi osatshwa kakhulu ngenxa yegama nerekhodi lakhe. Kuhle kakhulu uma ezongena ezethemba emdlalweni olandelayo.
“Siyethemba ukuthi abashwibi bethu bazokhuthaza abadlali bethu ababhethayo ukuze bangadikibali kodwa badlale kahle.”
Umdlalo olandelayo uzodlalelwa eMelbourne Cricket Ground, kusukela ngoDisemba 26, bese owokugcina udlalelwe eSydney Cricket Ground kusukela ngoJanuwari 4.