XOLILE MPISANE
USADIDEKILE ngokwenze ezakhe zashaya udaka ukaputeni weqembu lakuleli lekhilikithi, uDean Elgar, kulandela ukubhaxatshulwa yiNew Zealand kwi-test yokuqala ngempelasonto.
AmaProteas afike kuleliya lizwe ehambela phezulu ngemuva kokunqoba uchungechunge aludlale ne-India ngo-2-1. Kuse ngokunye ngesikhathi iBlack Caps iwanenebula nge-innings nama-run angu-276.
Iqembu lasekhaya liwine ithosi lanquma ukushwiba kuqala e-Hagley Oval, ngoLwesihlanu ekuseni, lawakhipha kalula amaProteas esahlanganise ama-run angu-95 kuphela.
Ozamile nguZubayr Hamza, oshaye ama-run angu-25. Kubashwibi beNew Zealand, bekubhoke uMatt Henry, othathe amawikhethi ayisikhombisa.
IBlack Caps ibe isikhombisa amaProteas ukuthi bekumele abhethe kanjani ngesikhathi ihlanganisa inguzunga yama-run angu-482. Bonke abashwibi bamaProteas bebethwele kanzima kodwa owenze kangconywana ngu-Duanne Olivier ogcine ethathe amawikhethi amahlanu.
Elakuleli alifundanga lutho emaphutheni eliwenze nge-innings yokuqala njengoba liphinde lashaya udaka nakweyesibili lakhishwa lonke lisashaye ama-run angu-111.
U-Elgar uthe ukungalitholi ithuba lokudlala umdlalo wokuzicija nezinkinga zangaphandle eziphathelene necala lomqeqeshi uMark Boucher, akuzona izinto abangacasha ngazo.
"Ngeke ngisebenzise ukugonqa kwethu njengezaba. Silapha ukuzomela izwe lethu futhi kufanele sihlale silungele ukudlala," kusho u-Elgar.
"Okwenzeka ngaphandle kwenkundla akuyona into entsha. Njengeqembu sesidlulile kulokho futhi angiboni kungaba nomthelela ekhempini yethu.
"Angikayitholi ngempela imbangela yokuthi sidlale ngalolu hlobo. Ngike ngazama ukuhlaziya umdlalo kodwa ngisadidekile. Ngiyethemba ukuthi okuningi kuzocaca maduze."
Ukungabibikho kukaKeegan Petersen, owaba yiqhawe elakuleli lidla i-India, kuvulele uSarel Erwee isikhala kuleli qembu. UKeshav Maharaj noLungi Ngidi nabo abadlalanga, izikhala zabo zavalwa nguZubayr Hamza noGlenton Stuurman.
"Bengigculisekile ngeqembu esiliqokile. Ngingukaputeni othanda ukusebenzisa umshwibi we-spin kodwa umlando usitshele ukuthi kule nkundla abavamile ukugqama," kuqhuba u-Elgar.
"Bengikhululekile ngokusebenzisa abashwiba ngesivinini kodwa sisazokubhekisisa lokhu kulezi zinsuku ezizayo.
"Lolu hlobo lwekhilikithi ludinga ukuzimisela futhi siyazi ukuthi uma sidlala ngendlela efanele, siyiqembu eliyingozi. Kuningi okungahambanga kahle kulo mdlalo.
"Sizozinuka amakhwapha ngamunye ngamunye kanjalo nanjengeqembu futhi sinesikhathi sokwenza lokho. Ngilindele ukuthi sibuye sesingcono kakhulu emdlalweni olandelayo ngoba lokhu esikwenze kowokuqala akufani nhlobo nathi."
AmaProteas asezozama ukunqoba umdlalo wokugcina kulolu chungechunge nawo ozobanjelwa e-Hagley Oval, kusukela ngoLwesihlanu ezintathakusa.