XOLILE MPISANE
UGIXATSHEZWE ngesikhundla sokuba ngumqondisi wezombhoxo kwiCell C Sharks ongumqeqeshi weqembu lakuleli leSevens, uNeil Powell.
Bekuvele kwaziwa ukuthi umqeqeshi wamaBlitzbokke usendleleni ebheke kwiSharks ekupheleni kweNdebe yoMhlaba yeSevens ngoSepthemba, kodwa ekuqaleni kwakuthiwe uzocija iqembu kwezokumaka.
Nokho iSharks ikhiphe isitatimende iqinisekisa ukuthi usezoba ngumqondisi, uWarren Whiteley aqhubeke nokubhekana nezindaba zokumaka kuleli qembu.
UBrendan Venter ube ngumqondisi wokugcina wezombhoxo kwiSharks ngesikhathi ethatha lesi sikhundla ngokugcwele ngo-2013, waphinda wasiphatha okwesikhashana eminyakeni edlule.
“UNeil ungumuntu olungile futhi sonke siwubonile umsebenzi omuhle awenze eqenjini lamaBlitzbokke," kusho isikhulu seSharks u-Eduard Coetzee esitatimendeni esikhishwe yiqembu.
“Njengomqondisi webhola lombhoxo kwiSharks, uNeil uzokwengamela lonke uhlelo lwethu lombhoxo futhi uzokweseka amaqembu abaqeqeshi bamaqembu ethu ehlukene.
"Uyena ozohlela indlela iqembu elizodlala ngayo, indlela elizoziphatha ngayo nokunye okumele lithuthuke kulona ukuze liphumelele kuwo wonke amazinga.
“USean Everitt usengumqeqeshi weqembu elikhulu futhi uzohlomula lukhulu ngolwazi, ukuboniswa, nokwesekwa azokuthola kuNeil.
"UNeil uzoletha izinhlelo ezinhle zokusebenza eqenjini nokuzogcina kulethe ushintsho endleleni esidlala ngayo enkundleni."
UPowell useqeqeshe amaBlitzbokke kusukela ngo-2013, wanqoba inqwaba yezindebe nawo. Uthe ulubheke ngabomvu ushintsho.
“Ngemuva kweminyaka eyisishiyagalolunye ngisebenza kumaBlitzbokke lena kuyinselelo entsha futhi yithuba elihle lokuzithuthukisa engilamukele ngokukhulu ukuzithoba,” kusho uPowell.
“Ngbheke ukusiza leli qembu ukuthi liphumelele, hhayi eNingizimu Afrika kuphela kodwa nasemhlabeni jikelele. Lokhu kuzokwenzeka uma sibambisene."
Njengamanje iBlitzbokke iqhwakele esicongweni kwi-log yeWorld Sevens Series ka-2021/2022 njengoba isawine yomine imiqhudelwano esidlaliwe.
Olandelayo uzodlalelwa eSingapore, ngasekuqaleni kuka-Ephreli.