UMDLALI wakuleli wethenisi yabahamba ngesihlalo esinamasondo (quad), uDonald Ramphadi, ubona sekusele kancane anqobe isicoco esikhulu kulo mdlalo.
URamphadi (29) odlala esigabeni sama-quad, ulinde amaphepha amgunyaza ukuthi alibangise e-England, ngesonto elizayo, ukuze ayodlala kwiWimbledon, okungeminye yemiqhudelwano yethenisi emine emikhulu, eyaziwa ngama-Grand Slams.
Usedlalile kweminye emibili kulo nyaka, i-Australian Open, lapho efinyelele khona kowandulela owamanqamu, neFrench Open, wakhishwa kuma-quarterfinal.
“Ngiphuma ehhovisi ukuyolungisa amaphepha ami kodwa nginethemba lokuthi ngizowathola ngesikhathi ukuze ngiye e-England, ngesonto elizayo,” kusho uRamphadi.
“Ngokwami, ngiwulungele lo mqhudelwano futhi ngizizwa ngiqinile ngokomqondo nangokomzimba. Ngizilungisele ngokufanele futhi ngiyazethemba ukuthi umdlalo wami ngizokwazi ukuwubeka kwelinye izinga.
“Ngibonga i-Australian Open ngokunginika ithuba lokudlala ngasekuqaleni konyaka nokungivulele amathuba okungena kweminye imiqhudelwano emikhulu.
“Nakuba ngihluliwe kweminye imidlalo kodwa ngiyakholwa ukuthi ngizokwazi ukubahlula ke-ngidle izicoco ezinkulu maduze nje.”
URamphadi ukleliswe endaweni yesikhombisa emhlabeni. Uhamba phambili esigabeni sama-quad e-Afrika, yize umdlalo wethenisi kuyinto ayiqale esekhulile.
Wazalelwa eduze kwaseTzaneen, eLimpopo. Ngesikhathi ekhula ubezifela ngebhola futhi ephupha ngokudlalela i-Orlando Pirates. Konke kwashintsha eseneminyaka engu-12, kutholakala ukuthi unesifo samathambo esagcina siphoqe ukuthi asebenzise isihlalo samasondo.
Waqala ukwazi ngethenisi ngesikhathi esefunda eFiladelfia Secondary, eseSoshanguve, nokuyisikole esibhekelela abafundi abaphila nokukhubazeka.
“Kuqale kwaba nzima kimina ukwamukela ukuthi angisafani nezinye izingane engangidlala nazo, ngaphazamiseka kakhulu,” usho kanje.
“Uma ngikhuluma iqiniso, okwenza ngazama umdlalo wethenisi yisithukuthezi. Kwafika ababefuna abadlali esikoleni nami ngasondela khona kodwa ngangingawuqondi nomdlalo ngoba ngangithi ngowabelungu.
"Ngamangala sebethi ngiwuhlobo lomdlali abamfunayo, saqala sabizwa ukuthi sizozilolonga sangenela nemiqhudelwano.
“Ngemuva kokunqoba omunye umqhudelwano ngezwa okuthile ngaphakathi kimi engangigcine ukukuzwa ngesikhathi ngisadlala ibhola. Yilapho ngabona khona ukuthi ngisazokwazi ukufeza amaphupho ami ngethenisi."
Umdlali wakuleli owake wakleliswa endaweni yesibili emhlabeni kuma-quad, uLucas Sithole, nguyena osaphethe irekhodi elihle lokunqoba amaGrand Slam amabili. Wanqoba i-US Open ngo-2013, waphinde wadla isicoco se-Australian Open, ngo-2014.
URamphadi useke wanqoba iPataya Open, Bangkok Cup neThailand Open ngo-2019. Kulo nyaka usenqobe iCan Uner Open neKemal Sahin Open, eTurkey.