UDABA lomsubathi weNedbank Running Club, uNtombesintu Mfunzi, owadlwengulwa ezintabeni zaseGqeberha, ngosuku olwandulelwa umjaho ayezowugijima ngoNovemba 2016, seluxoxwe kakhulu kodwa namanje lusayithola indawo ekukhuthazeni abalwa nokucindezeleka emqondweni.
UMfunzi waze wabhala ngisho incwadi ethi Yoyisa (Overcome), egxile esigamekweni esishintshe impilo yakhe njengoba esephunduke umethuli wezinkulumo ezakhayo aziqondise ikakhulu kulabo abayizisulu zokudlwengulwa nolunye udlame.
Kumanje uMfunzi, osebenza emnyangweni wezokuhlumeleliswa kwezimilo eGqeberha, ungomunye wabasubathi abasetshenziswa yiSouth African Depression and Anxiety Group (Sadaq), ukulekelela empini nesimo sokucindezeleka kwemiqondo ebantwini.
U-Okthoba yinyanga yokulwa nesimo sokucindezeleka kwemiqondo yabantu kanti uMfunzi nabanye bakhuthaza abantu ukuthi ube yingxenye yeStrava Challenge, okuwumqhudelwano wemijaho ehlukene.
IStrava Challenge iqale ngo-Okthoba 1 iyaphela ngo-Okthoba 31.
Abafuna ukungenela umjaho kumele babheke kwi-strava.com bese bekhetha umjaho ozwana nabo kusuka kwi-5km kuya ekushoveni amabhayisikili, nakwi-endurance challenge neminye kuze kuyofika kwi-200km engagijinywa izikhawu ezahlukene.
“Mina ukugijima kwangisiza kakhulu ukulwa nokucindezelwa yisimo esangehlela. Angikufihli ukuthi sasizoqeda ngami kusuka emqondweni ukube ngangingenakho ukugijima empilweni yami.
“Yingakho ngisukumele phezulu ukukhuthaza abantu ukuthi bayikhuthalele eyokusebenzisa ukuzivocavoca njengendlela yokulwa nokukhwantalala nokucindezeleka komqondo, osekuvele kaningi ukuthi ngesinye sezifo ezibulala buthule kulezi zinsuku,” kusho uMfunzi.
Umsubathi uthi indlela okwamnika amandla ngayo ukugijima, kwathi ngemva kwesigameko esamehlela ngosuku olwandulelwa umjaho lapho wayedoklozwa nangesando kodwa wavuka ngakusasa wababela emgwaqweni.
“Ebusuku baleso sigameko angilalanga, ngisaba, ngikhala, ngizibuza ukuthi ‘kodwa ngenzeni’. Ngakudinelwa ukugijima futhi ngangingalwa nomuntu owayengangikhulumisa ngakho ngoba ngahlukunyezwa ngizilolongela omunye umjaho wokuqwashisa ngesifo sikashukela,” kuchaza uMfunzi.
“Ngakusasa ekuseni kodwa kwavele kwafika amandla ngavusa bonke ababesendlini ngathi ‘siya emjahweni’. Bamangala kodwa kwabacacela ukuthi angidlali.
“Ngawunqoba lowo mjaho ngoba ngagijima ngamandla. Ngangijimela ukujuluka, emqondweni wami kunento ethi iconsi, neconsi lomjuluko likhipha lokungcola kwesigilamikhuba emzimbeni wami.”
UMfunzi ukhulele endaweni yasemakhaya engenawo amathuba, eGatshane (Willowvale), eNtsimbakazi, ikakhulu kubantu besifazane, uthe ukugijima ukuqale ngo-2003 esehlala eGqeberha, enza iziqu zeHuman Resources Management.
Nalapho uthi wayebhejile nomngani wakhe owayezogijima i-5km kwiSpar Ladies, ukuthi ngubani ozoshaya kuqala intambo phakathi kwabo.
“Wangifica sengikade ngiqedile. Wathi angingabe ngisayeka. Nebala akubange kusameka,” kusho uMfunzi, oseke waqeda endaweni yesine kumaWings For Life World Run.